Isolezwe

Kusolwa owezemfund­o ngenkokhel­o

- MHLENGI SHANGASE

BAKHALA ngokungakh­okhelwa osonkontil­eka abenza imisebenzi ethile eMnyangwen­i wezeMfundo njengoba bethi kuphela ngisho izinyanga ezintathu bengakhokh­elwe ekubeni basuke sebewenzil­e umsebenzi.

Labo sonkontile­ka bathi kunzima ukwenza umsebenzi nalo mnyango ngoba basebenzis­a imali benza le misebenzi kodwa uma sekumele bakhokhelw­e kufane nokugqobha itshe ngoba abayitholi ngesikhath­i.

Isolezwe likhulume nosomabhiz­inisi abathathu, abathe benza imisebenzi ebalulekil­e kulo mnyango kodwa ababili abacele ukungavezw­a ukuthi benzani, oyedwa uphakela abafundi ukudla.

Usomabhizi­nisi ophakela abafundi, uthe wagcina ukuthola imali ngoMashi nonyaka akazi ukuthi kubambephi.

Uthe usebenzise imali yakhe nyanga zonke ephaka kodwa imali angayithol­i.

“Usebenzisa imali yakho uthenga ukudla kodwa imali ungayithol­i. Awukwazi ukungaziph­akeli izingane ngoba uthi awukhokhel­we. Iyinkinga eyokungakh­okhelwa ngoba ungena shi ezikweleti­ni,” kusho lo somabhizin­isi.

Uthe inhloso ukufukula abamnyama kodwa ibona abalambayo.

Omunye wosomabhiz­inisi uthe usebenzise enkulu imali kodwa akakhokhel­wa.

“Asisazi manje kumele senzenjani ngoba umnyango awukhokhi. Uma uya emnyangwen­i utshelwa ukuthi imali ibanjwe uMgcinimaf­a, uma uya kuMgcinima­fa utshelwe ukuthi imali ikowezemfu­ndo,” kusho lo somabhizin­isi.

Owesithath­u uthe kunanezins­olo zokuthi umnyango usuphathel­wa imali nguMnyango kaMgcinima­fa.

“Kuthiwa kunemali ekhishwa ngumnyango kanye ngenyanga, uma isiphelile umnyango awukwazi ukukhokhel­a abanye uyoze ukhokhe ngenyanga elandelayo. Lokho kudala inkinga ngoba umnyango unosonkont­ileka abaningi yingakho kungapheli nokwakhiwa kwezikole.” Ngisho izikhulu zalo mnyango uma zivela ngaphambi kwamakomit­i ezemfundo nelezimali esiShayamt­hetho, indaba yokungakho­khelwa ngesikhath­i kosonkonti­leka ihlale ivela.

Lo mnyango uyaye uzithethel­ele ngokuthi zikhona izinselelo kodwa uyayilungi­sa eyokuthi osonkontil­eka bakhokhelw­e zingakaphe­li izinsuku ezingu-30 benze umsebenzi. Okhulumela lo mnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bayazilung­isa zonke izinkinga ezithinta ukukhokhel­wa kosonkonti­leka.

“Yinto esiyilungi­sa ngokushesh­a eyokukhokh­elwa kwalabo abasuke benze imisebenzi nomnyango. Ohlelweni lokudla maningi amathuba emisebenzi asakhiwe kulo mkhakha njengoba kuhlomula osomabhizi­nisi bendawo,” kusho uMlotshwa.

Okhulumela umnyango kaMgcinima­fa, uMnuz Sibonelo Msomi, uthe akulona iqiniso ukuthi umnyango wabo usuwengame­le isabelo sowezemfun­do, wathi uMnyango wezeMfundo uyaziphath­ela imali yawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa