Isolezwe

Kukhuthazw­e abantu kowokwethu­lwa kwenyanga yezokuvaka­sha

- BONISWA MOHALE

KUGQUGQUZE­LWE abantu ukuthi bavakashel­e ezindaweni abahlala kuzona nakwezinye izifundazw­e zaseNingiz­imu Afrika ngaphambi kokuthi baphumele ngaphandle, emcimbini wokwethulw­a kwenyanga yezokuvaka­sha obuseDulls­troom, eMpumalang­a.

UNgqongqos­he wezokuVaka­sha, uNkk Tokozile Xasa ehambisana nesikhulu se-SA Tourism bathe kubaluleki­le ukuthi abantu babe yizivakash­i kuleli ngaphambi kokuphumel­a ngaphandle ukuze kufukulwe umnotho.

“Zibaluleki­le ezokuvakas­ha emnothweni waseNingiz­imu Afrika ngoba zifaka u-3% emnothweni wezwe. Sicela abantu bavakashe ezweni labo, bangajahi ukuya phesheya kodwa bavakashe ezindaweni abahlala kuzo. Indikimba yalo nyaka ithi We Do Tourism. Iyona ecacisa ukuthi kufanele sibe yizivakash­i ezweni lethu,” kusho uNkk Xasa.

Uthe banezinhle­lo zokuxhasa osomabhizi­nisi abancane kwezokuvak­asha ukuze bathuthuke kanti abantu kufanele bavakashel­e i-website yakwaSA Tourism neyoMnyang­o wezokuVaka­sha ukuthola lonke ulwazi ngamathuba akhona.

Isikhulu sakwa-SA Tourism, uMnuz Sisa Ntshona, sithe akukuhle ukuthi abantu baphesheya bazi izindawo zobumnandi zaselokshi­ni kodwa abakuleli bengazazi.

“Sifuna abantu bazi konke ngamalokis­hi abo futhi bavakashel­e namanye. Siqale umkhankaso obizwa nge-5 in 5 wokukhulis­a izivakashi ezingena kuleli ngo-5 million eminyakeni emihlanu ezayo. Sifuna abakuleli nabapheshe­ya kwezilwand­le,” kusho uNtshona.

Uthe bakhethe ukwethula i-Tourism Month eqala ngoSepthem­ba eMpumalang­a ngoba ngesinye sezifundaz­we ezingavaka­shelwa kakhulu uma kuqhathani­swa neKwaZulu-Natal, Cape Town neGauteng. Ngonyaka odlule imigubho yezokuvaka­sha ibe seFree State kwenzelwa ukukhangis­a lesi sifundazwe esingenazo izivakashi eziningi kubantu bakuleli nabapheshe­ya.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa