‘I-ICC izoqhubeka ibe nemihlangano emikhulu’
ISIKHULU esiphezulu seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), uNksz Lindiwe Rakharebe, sithi bazoqhubeka nokuheha izingqungquthela ezinkulu ukuba zize endaweni yabo eqeda iminyaka ewu-20 yasungulwa ngo-Agasti 8.
Esitatimendeni esithunyelelwe Isolezwe, uNksz Rakharebe uthe mukhulu umsebenzi owenziwa yi-ICC KwaZulu-Natal kwazise iwina imiklomelo yokuba yisikhungo esihamba phambili iminyaka ewu-15 ilandelana.
“Lesi sikhungo singenisa u-R30 billion emnothweni wezwe okuyimali enkulu uma ucabanga ukuthi yakhiwe ngo-R746 million,” kusho uNksz Rakharebe.
Uthe siyakhula isibalo sabantu abahambela imihlangano e-ICC nemibukiso eyenziwa khona futhi bazimisele ukusikhulisa naseminyakeni ezayo.
“Ukuba khona kwe-ICC kusho ukuthi amahhotela ayagcwala uma kunezingqungquthela. Uma sibheka u-2016 kugcwale izindlu zasehhotela ezingu-856 731 okusho ukuthi eminye imikhakha iyahlomula ngokuba khona kweICC,” kusho uNksz Rakharebe.
Uthe selokhu yavulwa nguMengameli wokuqala kuhulumeni wentando yabantu, uDkt Nelson Mandela, ngo1997,isibe nemicimbi emikhulu, yahanjelwa yizikhulu zepolitiki, abasendlunkulu, abezemidlalo, omengameli bamazwe nomacaphunakusale bomhlaba.
Phakathi kwezingqungquthela esezibe khona kubalwa iWorld Economic Forum on Africa, 21st International Aids Conference, COP17/21, Tourism Indaba, 4th BRICS International Competition Conference, 14th World Forestry Congress, Africa Peace Awards, 21st World Routes Development Forum, 3rd World Social Science Forum (WSSF), Global Forum for Innovations in Agriculture Africa 2015 nengqungquthela yokushintshwa kwe-Organisation of African Unity (OAU) ibe yi-African Union (AU).
Njengamanje izikhulu zaseICC zimatasa nezinhlelo ze-38th International Association for Impact Assessment (IAIA) Conference ezoba seThekwini ngonyaka ozayo.
Le ngqungquthela ihanjelwa ngabantu abangaphezu kuka-1 200 okukhona kubo izazi zemvelo ezivela emazweni awu-87.
UNkk Rakharebe uthe i-ICC ingenise u-R27.8 billion kule minyaka ewu-10 edlule emnothweni waKwaZulu-Natal yafaka u-R29.4 billion kowaseNingizimu Afrika.
Uthe bashintshe nendlela abasebenza ngayo ukuze banakekele imvelo behlise nemfucuza ekhiqizwa yile ndawo.
Bavule amathuba omsebenzi awu-82 000.
Uthe banabasebenzi abawu-164 abaqashwe yi-ICC ngokugcwele, okukhona u-57.5% wesifazane kanti abangu-67% abanezikhundla eziphezulu ngabesifazane.
Uveze ukuthi bayasebenzisana nezinkampani zabantu abamnyama futhi bayayilandela nemigomo ye-Broad Based Black Economic Empowerment njengoba bekleliswe endaweni yesine.
USihlalo webhodi lase-ICC, uNksz Mato Madlala, uthe abasebenzi base-ICC yibona abenza isiqiniseko sokuthi le ndawo ithola imiklomelo ngokusebenza ngokuzikhandla nokuqinisekisa ukuthi izinhlelo zabaphathi babo ziyenzeka.