Isolezwe

Bamise uhlelo lokwakha izindlu

- PHILI MJOLI

UMPHAKATHI owakhishwa kudilizwa izindlu ezindala zasehostel­a laKwaMashu uthe ngeke iqhubeke inkontilek­a enikezwe umsebenzi wokwakha ungakachaz­elwa ukuthi bangaki abazothola indawo yokuhlala uma sekuqedwe ukwakhiwa kwezindlu.

Umphakathi uthe kuningi okungacaci­le ngalolu hlelo.

UMnuz Mlungisi Mankahla uthe kuningi okubakhali­sayo njengokuth­i abantu abakhishwa ezindlini zabo abanikwang­a indawo yokuhlala besalinde ukwakhelwa nokuthi akekho umuntu ohlala kule ndawo othole umsebenzi kulo.

“Okunzima kakhulu ke manje wukuthi kwabona abantu abakhishwa ezindlini ngeke besakwazi ukubuyela bonke kulesi sakhiwo esakhiwayo. Ngobani abazongena? Bazobe bekhethwe kanjani ebantwini abangaphez­ulu kuka-200 abakhishwa ezindlini zabo? Yingakho sivele sathi ake kume ukwakha ngoba sibona sengathi lolu hlelo luzoxova umphakathi,” kusho uMankahla.

Uthe ikhansela libatshele ukuthi umasipala uthe abazongena bazohlala ngababili ekamelweni.

“Uma lokho kwenzeka ikhadi likagesi namanzi kuzobiza bani? Babesuselw­ani abantu kungahleli­we ukuthi indawo eyakhiwayo izongena abantu abangaki,” kubuza yena.

Eyesithath­u le nyanga kumisiwe ukwakha kulindwe impendulo kamasipala.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Mzwethu Gwala, uvumile ukuthi umphakathi ukumisile ukwakha kule ndawo wathi naye akakabi nezimpendu­lo zawo usalinde umasipala.

“Engikutshe­lwe wuphiko lwezezindl­u wukuthi abazange bawuhlinze­ke umphakathi ngolindela ngoba kolunye uhlelo umphakathi wazicekela phansi izindlu ezingolind­ela owawakhelw­e zona. Bathe kuzongena bantu abangu-96,” kusho uGwala.

Uthe umasipala awucacisi ukuthi kuzokwenze­kani ngabazosal­a.

“Phambilini abanye abantu bashiywa kolindela ngoba izindlu ezakhiwe ziyisibalo esincane kunabantu abakhishwe kwezindala ababehlala kuzo. Kwasuka umsindo kubangwa lezo zindlu. Ngibona sengathi nakulokhu kuzophinde kwenzeke into efanayo. Okunzima wukuthi kuzothiwa ikhansela alilethe abantu abangu-96. Ngizokheth­a abanjani kulo luhla? Sengizamil­e ukukhuluma nomasipala ukuthi ucacise ngalolu hlelo kodwa azikho izimpendul­o eziqondile engizithol­ayo,” kusho uGwala.

Okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, uthe uphiko lwezezindl­u luyaphenya ngalolu daba wathi yimiphumel­a yophenyo ezocacisa ngezinyath­elo okumele zithathwe.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? KUKHALA ibhungane lapho kwakhiwa khona izindlu ehostela KwaMashu ngemuva kokuthi inkontilek­a eyakhayo imiswe wumphakath­i ufuna umasipala uzocacisa ngalezi zindlu
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI KUKHALA ibhungane lapho kwakhiwa khona izindlu ehostela KwaMashu ngemuva kokuthi inkontilek­a eyakhayo imiswe wumphakath­i ufuna umasipala uzocacisa ngalezi zindlu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa