Bamise uhlelo lokwakha izindlu
UMPHAKATHI owakhishwa kudilizwa izindlu ezindala zasehostela laKwaMashu uthe ngeke iqhubeke inkontileka enikezwe umsebenzi wokwakha ungakachazelwa ukuthi bangaki abazothola indawo yokuhlala uma sekuqedwe ukwakhiwa kwezindlu.
Umphakathi uthe kuningi okungacacile ngalolu hlelo.
UMnuz Mlungisi Mankahla uthe kuningi okubakhalisayo njengokuthi abantu abakhishwa ezindlini zabo abanikwanga indawo yokuhlala besalinde ukwakhelwa nokuthi akekho umuntu ohlala kule ndawo othole umsebenzi kulo.
“Okunzima kakhulu ke manje wukuthi kwabona abantu abakhishwa ezindlini ngeke besakwazi ukubuyela bonke kulesi sakhiwo esakhiwayo. Ngobani abazongena? Bazobe bekhethwe kanjani ebantwini abangaphezulu kuka-200 abakhishwa ezindlini zabo? Yingakho sivele sathi ake kume ukwakha ngoba sibona sengathi lolu hlelo luzoxova umphakathi,” kusho uMankahla.
Uthe ikhansela libatshele ukuthi umasipala uthe abazongena bazohlala ngababili ekamelweni.
“Uma lokho kwenzeka ikhadi likagesi namanzi kuzobiza bani? Babesuselwani abantu kungahleliwe ukuthi indawo eyakhiwayo izongena abantu abangaki,” kubuza yena.
Eyesithathu le nyanga kumisiwe ukwakha kulindwe impendulo kamasipala.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Mzwethu Gwala, uvumile ukuthi umphakathi ukumisile ukwakha kule ndawo wathi naye akakabi nezimpendulo zawo usalinde umasipala.
“Engikutshelwe wuphiko lwezezindlu wukuthi abazange bawuhlinzeke umphakathi ngolindela ngoba kolunye uhlelo umphakathi wazicekela phansi izindlu ezingolindela owawakhelwe zona. Bathe kuzongena bantu abangu-96,” kusho uGwala.
Uthe umasipala awucacisi ukuthi kuzokwenzekani ngabazosala.
“Phambilini abanye abantu bashiywa kolindela ngoba izindlu ezakhiwe ziyisibalo esincane kunabantu abakhishwe kwezindala ababehlala kuzo. Kwasuka umsindo kubangwa lezo zindlu. Ngibona sengathi nakulokhu kuzophinde kwenzeke into efanayo. Okunzima wukuthi kuzothiwa ikhansela alilethe abantu abangu-96. Ngizokhetha abanjani kulo luhla? Sengizamile ukukhuluma nomasipala ukuthi ucacise ngalolu hlelo kodwa azikho izimpendulo eziqondile engizitholayo,” kusho uGwala.
Okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, uthe uphiko lwezezindlu luyaphenya ngalolu daba wathi yimiphumela yophenyo ezocacisa ngezinyathelo okumele zithathwe.