Isolezwe

Kuyacaca ngodaba lwabafuna ukunakekel­a izingane

- ZANELE MTHETHWA

KUNTWELA ezansi ngodaba lwabafuna ukunikwa imvume yokunakeke­la izingane abangaziza­li, ngemuva kwesinqumo sakamuva esinqinda amandla iNhloko yoMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni.

UNksz Nokuthula Khanyile usolwa ngokuduvis­a izincwadi okumele azisayine ukuze kuphasiswe uhlelo lokunikeze­la kweminye imindeni izingane ezisuke zingenabo abazozinak­ekela. Kuthiwa iningi lalezi zingane zisuke zilahlwe emphakathi­ni noma ezikhungwe­ni zikahulume­ni.

Kuleli sonto, iNkantolo eNkulu eThekwini inqume ukuthi kungabe kusalindwa incwadi yezincomo zenhloko yomnyango ukuze kuqhubeke uhlelo lokudlulis­ela ingane emndenini osuke ufisa ukuyinakek­ela.

IJaji uThemba Sishi likhiphe lesi sinqumo esicelweni esifakwe ngabazali abathathu okungebona abakuleli.

Laba bazali bebekhala ngokuthi kunzima kwabakwama­nye amazwe abamhlophe, uma befuna imvume yokunakeke­la izingane zakuleli.

Basola uNksz Khanyile ngokuhudul­a izinyawo ukuze bagcine bengaphume­lelanga. Yize uhlelo lugunyazwa yinkantolo ilandela iChildren’s Act, bekudingek­a ukuthi nenhloko yomnyango isayine incwadi kuqala. Akuqali ukuthi kube nalezi zikhalo njengoba abanye begcine befaka udaba enkantolo ukuze basheshise uhlelo.

Phambilini ephawula ngezinye izikhalo uNksz Khanyile, waveza ukuthi ayikho inhloso yokubambez­ela uhlelo kodwa basuke belandela umthetho olawula izingane. Waveza ukuthi kwesinye isikhathi izingane zisuke zinabo abazali kodwa bengathint­wanga.

Isinqumo seJaji uSishi sibe sematheni esithangam­ini ebesidingi­da ngomkhuba wokushushu­mbiswa kwabantu eThekwini kuleli sonto. Izinhlaka ezahlukene zikhale ngokuthi lesi sinqumo sizokwenza zande izigilamkh­uba ezifuna ukuthatha izingane ngalolo hlelo ngenhloso yokuzishus­humbisa.

Usonhlalak­ahle ongagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a, uthe kuyiphutha ukuthi uNksz Khanyile umelene nabafuna ukunikwa izingane bakwamanye amazwe.

Uthe kubhekwa kakhulu okulungele ingane, yingakho kumele kucutshung­ulwe izicelo.

“Kwesinye isikhathi umzali wengane usuke esejahe ukuthi ithathwe, engachazel­ekanga ngeminye imiphumela yalokho. Ziningi ezinye izindlela asuke engazisebe­nzisa njengokuth­ola ikhaya lesikhasha­na lengane, kusabhekwa udaba lwakhe. Ngenxa yokuthi usuke esejahe ingane ihambe, akabe esakubheka okunye. Ukuhlukana nengane akuyona into encane futhi yinto umuntu okumele ayicababan­ge kahle,” kusho usonhlalak­ahle.

Okhulumela umnyango uMnuz Vukani Mbhele uthe basasicubu­ngula isinqumo sejaji ngaphambi kokuthi baphawule ngaso.

 ?? Isithombe: SHAN PILLAY ?? UNKSZ Nokuthula Khanyile oyiNhloko yoMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i osolwa ngokubambe­zela uhlelo lokunikezw­a kwabafuna imvume yokunakeke­la izingane zakuleli ezingenaba­zali, kwabakwama­nye amazwe
Isithombe: SHAN PILLAY UNKSZ Nokuthula Khanyile oyiNhloko yoMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i osolwa ngokubambe­zela uhlelo lokunikezw­a kwabafuna imvume yokunakeke­la izingane zakuleli ezingenaba­zali, kwabakwama­nye amazwe
 ??  ?? IZINYAWO zentombaza­ne eneminyaka engu-13 eyashiswa wugesi
IZINYAWO zentombaza­ne eneminyaka engu-13 eyashiswa wugesi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa