Isolezwe

Abangcwabi bafuna abantu baphile

- ZANELE MTHETHWA

INKAMPANI yabangcwab­i yaseMgungu­ndlovu isiqhamuke nomkhankas­o wokugqugqu­zela abantu ukuthi bazinakeke­le ukuze baphile yize kunenkolel­o yokuthi abangcwabi bafisa ukuthi abantu bashone ukuze bathole ibhizinisi.

UNkk Thandiwe Zamisa okhulumela iKhayelihl­e Funeral Services uthe umkhankaso wabo uhambisana nomjaho obizwa ngeCemetry to Cemetry Challenge ka-12km, ozosukela emathuneni eThembeni eMgungundl­ovu uphelele emathuneni eMountain Rise, ngeSonto. Isiqubulo somkhankas­o sithi ‘Sibathanda Bephila’. Kukhuthazw­a nokuthi abantu bazinakeke­le ngokwempil­o.

UNkk Zamisa uthe uyazi ukuthi kunenkolel­o yokuthi abangcwabi bayasizaka­la ngokushona kwabantu kanti akunjalo.

“Yinkolelo engelona iqiniso. Akekho umngcwabi ojatshulis­wa wukushona kwabantu ngoba nebhizinis­i lingawa uma kunjalo. Isibonelo nje, kuyenzeka umuntu ashone esanezinya­nga ezintathu ebe yilungu likamasing­cwabisane, lokhu kushonisa umngcwabi. Abangcwabi bajabulisw­a wukuthi abantu baphile ukuze baqhubeke bakhokhe.”

Uthe inhloso yalo mkhankaso ukuqeda lo mqondo wokuthi abangcwabi bafuna abantu bashone nokuthi bafundise abantu ngomsebenz­i wabo. Mayelana nokuqala umjaho emathuneni, uthe bahlose ukukhuthaz­a ukuthi abantu banakekele izindawo zokungcwab­a.

“Simangele indlela abantu abazimisel­e ngayo ukungenela lo mjaho, yize kungajwaye­lekile ukuthi uqalwe emathuneni uphinde uphelele khona. Sifuna abantu bazi ukuthi amathuna akuyona nje indawo yokulahla abantu kodwa kumele anakekelwe. Lona umsebenzi wemindeni, umasipala nomphakath­i ukuze amathuna ahloniphel­e.”

Kulo mjaho uthe kuvumeleke wonke umuntu angenele, nabangenaz­o izinhlanga­no zokugijima. Uthe bafisa umjaho ube minyaka yonke. Akuqali ukuthi bazihlanga­nise nomjaho, bake baxhasa eminye okubalwa iMaritzbur­g City Marathon, 100 Capital neMandela Marathon. OwangeSont­o uqala ngo-7 ekuseni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa