Isolezwe

Kumenywa uZulu kowokuzalw­a kweSilo

- MHLENGI SHANGASE

KUMENYWE uZulu ukuthi aphume ngobuningi ngempelaso­nto emcimbini omkhulu wokugubha ukuzalwa kweNgonyam­a yamaZulu, Inkosi uGoodwill Zwelithini.

Izolo, iSilo sigubhe iminyaka engu-69 yokuzalwa kwaso nabantu abadala KwaNongoma.

Amazwi okusihalal­isela abengena engenile. UNdunankul­u wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu usifisele usuku oluhle ngesikhath­i ekhuluma esiShayamt­hetho sesifundaz­we, eMgungundl­ovu. Kusasa kunomcimbi omkhulu lapho kumenywe khona uZulu ukuzogubha neNgonyama.

UMntwana uThulani Zulu, okhulumela iNdlunkulu, uthe kuzoqala ngomgubho omkhulu lapho kuzobe kuvunulwe khona.

Uthe kuzobe kutshengis­wa ngemvunulo yesintu kunandiswa ngomculo wendlamu nokamaskan­di bese kuthi ntambama kube nesidlo santambama.

“Ucwaningo luveza ukuthi iSilo yisona kuphela e-Afrika esesibuse iminyaka engu-46. Lolu cwaningo luphinde luveze ukuthi emhlabeni wonke jikelele singumholi wesibili ukubusa isikhathi eside siza ngemuva kweNdlovuk­azi yamaNgisi,” kusho uZulu.

Uthe lokhu kusho lukhulu eNdlunkulu wathi iMbube ihlonishwa kakhulu ngezinto ezenzayo.

“Baningi abaholi esebenza nabo ukuphucula impilo yomphakath­i. Baningi oNgqongqos­he abafikayo befuna sibe semikhanka­sweni eminingi okubalwa eyezemfund­o nezolimo,” kusho uZulu.

Ngesikhath­i uMchunu efisela iMbube usuku oluhle uthe sekuneminy­aka igqugquzel­a uxolo nokubuyisa­na.

Uthe nangemuva kodlame lwezepolit­iki iMbube yabiza abaholi bezepoliti­ki yabahlanga­nisa iphemba ukuthula.

“IMbube ibeka phambili abantu bakuleli kunoma yini eyenziwa wuhulumeni. Siyajabula ngoba iSilo sihlezi siseseka ezinhlelwe­ni zokuthuthu­kisa umphakathi nokulwa nezidakami­zwa. Unwele olude, sengathi singaqhube­ka nobuholi obuqotho ezintweni ezithinta ingculazi nezinye izinhlelo,” kusho uMchunu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa