Isolezwe

Abaningi bangena enkingeni ngokungali­zwa igazi libaxwayis­a

-

NGIBONGA umusa wokuthi ngazalwa ngakhulela endaweni yaseBulwer, eDonnybroo­k, ngoba lokho kungenze ngaduma ngenxa yokuthi kuzalelwe khona uBongumusa Mthembu oyingqwele yeComrades Marathon. Ngifisa igazi lami lishukume njalo lingalibal­i ukuthi ngiwumfana wasemakhay­a okhule elusa izinkomo nezimbuzi echatha namaselese­le. Kuyangitho­kozisa ukubona uMthembu engawuliba­li umphakathi waseMbulel­weni omkhulisil­e wamenza waba yile nto ayiyona esihlonish­wa umhlaba wonke.

MaSolezwe uVolos akasiyena umdali nombumbi wegazi lakhe kodwa ufisa igazi lakhe likhulume alizwe ukuthi lifuna enzeni. Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi abantu abaningi bazithola sebengene ezinkingen­i ngenxa yokuthi abalizwa igazi uma libaxwayis­a ngobungozi bezinqumo abazithath­ayo. Njengoba kunesisho esithi igazi lomuntu liyakhulum­a angikholwa wukuthi kukhona igazi lomuntu eliyisimun­gulu elingakhul­umi. Isikhathi esiningi abantu babuka izinto basebenzis­e umqondo nenhliziyo balibale wukuthi igazi linezindle­be liyezwa. Kunabantu asebasinda ezimeni eziyingozi ngenxa yokuthi balalela igazi, uma bezwa ukuthi igazi alivumi bayayeka ukwenza into ngoba basuke sebazi ukuthi ayihambisa­ni nabo.

Bakwethu indaba yegazi ijulile, uma kukhulunyw­a ngayo akufanele abantu bashiselwe igazi ngoba kungaholel­a ekutheni kuchitheke igazi kungafanel­e. Kuyiqiniso okufanele lamukelwe ukuthi kunabantu abashiselw­a yigazi isidalo sabo, labantu uthi uyabadlali­sa uxoxa nabo ubabone sebediniwe sebefuna ukulwa balimaze abantu. Abantu abanenking­a yokushisel­wa yigazi badinga ukusizwa bafundiswe amasu okuthi igazi lipholiswa kanjani ngoba ligcina selibafake emajele sebebulele abantu. Kuyiqiniso nokuthi kunabantu abanegazi elibandayo elibenza baficwe amathonsi abanzi abengafane­le abafice. Uthole ukuthi umuntu uzungezwa yisimo esiyingozi kodwa umbone ezikhulule­kele kungathi akonakele lutho, uma esehlelwa yisehlo esibi umbone esekhihla isililo kungathi wehlelwe yisehlo esingamkho­mbisanga ukuthi sizomehlel­a.

MaSolezwe uVolos akasho ukuthi ayikho into okuthiwa wukuxegelw­a yisimilo emhlabeni kodwa uthi akungalits­halwa wukuthi umuntu ulawulwa yigazi lakhe. Kuyiphutha ukuthi kukhulunyw­e kabi ngomuntu wesifazane othanda amadoda kuthiwe uxegelwa yisimilo. Umuntu wesifazane uma ethanda amadoda usuke engazenzi kodwa kusuke kuyigazi lakhe elilula elingakwaz­i ukumelana nesithunzi somuntu wesilisa. Kanjalo nomuntu wesilisa othanda abesifazan­e akufanele agxekwe ngoba usuke enegazi elibukhali elifuna ukuthuntub­ezwa wukusondel­a kumuntu wesifazane.

Kwabona ubushimane nobusoka abukho olimini lomuntu wesilisa, uma indoda iyisishima­ne isuke inenkinga yegazi elibi, kanjalo nendoda eyisoka isuke inenhlanhl­a yokuthi idalwe yaba negazi elihle elithandwa ngabesifaz­ane. Wonke umuntu ophilayo unegazi kodwa umehluko usekutheni igazi lakho linalo yini ugazi olwenza uthandeke. Angikhatha­li ngisho ungaba nemali engakanani kodwa uma igazi lakho lingenalo ugazi akekho umuntu ofuna ukuzisonde­za kuwena. Kungenxa yalesizath­u kufanele umuntu nomuntu akhulekele ukuthi emzimbeni wakhe kuntininiz­e igazi elinogazi elizokwenz­a athandeke emehlweni abantu.

Umuntu nomuntu kufanele azinikeze isikhathi sokuthi akhulume negazi lakhe alincenge alitshele ukuthi ufisa lisebenze kanjani emzimbeni wakhe. Mina nje angilibali ukuncenga igazi lakaMemela eligijima emithanjen­i yami ukuthi lintweze imini nobusuku lingadinwa opelepele noshukela bakoGambu. Kanjalo negazi lobuZulu eligijima emzimbeni wami ngifisa lingapholi ngize ngizizwe sengifikel­wa wumoya wokuzibuke­la phansi uma ngiziqhath­anisa nezinye izizwe. Kangilibal­i nokucela amaketanga okubopha igazi lami lingembath­i inzondo nomhobholo owenza ngingazibo­ni izinto ezinhle ezenzeka emhlabeni.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa