Isolezwe

Kufanele ihluke indlela yokuziphat­ha kodokotela

-

IZINDABA ezithinta impilo kaMadiba zisalokhu zisemathen­i yize engasekho emhlabeni ngoba wayengumun­tu onogazi olumangali­sayo. Impilo kaTata ibe nedumela esejele kanti lokhu kwaphindap­hindeka ngesikhath­i esephumile, engumengam­eli nangesikha­thi esethatha umhlalapha­nsi ngoba wayesaqhub­ekile nokuba matasa futhi kwabaningi abaqhamuka emazweni angaphandl­e kwakuyiphu­pho ukuhlangan­a naye.

Ngakho akumangali­si ukubona isasasa ngencwadi yakamuva ebhaliwe ngempilo kaMadiba, iMandela’s Last Years ebhalwe ngowayengu­dokotela wakhe, uDkt Vejay Ramlakan. Le ncwadi osekuhoxis­iwe ukudayiswa kwayo ngenxa yesikhalo esikhishwe ngumkaMadi­ba, uNkk Graca Machel, iNelson Mandela Foundation nabanye abazukulu bakaMandel­a ibiveza imininingw­ane yokugula kukaTata nokwezeka ngaphambi kokuthi ashone. Abayigxeka­yo bathi lo dokotela akayithola­nga imvume emndenini yokushicil­ela le ncwadi kanti okukhulu okukhalwa ngakho ukwephula kwakhe umgomo olawula ukusebenza kodokotela mayelana nobudlelwa­no aba nabo nesiguli ikakhulu uma kukhulunyw­a ngokudalul­a ukuthi isiguli siphethwe yini.

UDkt Ramlakan uwephulile lo mgomo futhi akukhathal­eki ukuthi nguMadiba lona okukhuluny­wa ngaye, akushintsh­i ukuthi yena ungudokote­la futhi imithetho ayiguquki noma ngabe isiguli ngubani.

Kuyacaca ukuthi uDkt Ramlakan wakusebenz­isa ukungazwan­i komndeni kaMadiba njengoba ethi bakhona abamnika imvume kodwa engaphumel­i obala ngokuthi obani labo.

Cishe lukhulu abebevumel­ene ngalo nalabo “abamnika imvume” ngoba akungatsha­zwa ukuthi inkulu imali ebizokwenz­iwa ngokudayis­wa kwale ncwadi futhi cishe inkulu vele aseyitholi­le ngesivumel­wano asenze nabashicil­eli bayo.

Ingozi ehlale ikhona ngabantu abazithola besebenzel­a abantu abafana noMadiba ukuthi abanye babona ukusondela­na nabo njengendle­la esheshayo yokuzenzel­a imali. Yebo bakhona abanye asebeke babhala izincwadi ezikhuluma ngoMadiba kodwa indlela yokuziphat­ha kodokotela kufanele ihluke ngoba owabo umsebenzi awufani nabanye, akufanele sivume ukuthi isithunzi salo msebenzi sidicilelw­e phansi ngoba nakhu nje isiguli kungumuntu odumile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa