Isolezwe

Baphela abantu bakithi yizinyanga mbumbulu

-

MHLELI: Ngithi angizwakal­ise ukukhathaz­eka ngabantu bakithi. Ngikhala ngezikhang­iso ezigcwele emaphephen­i ethu esiwathand­a kakhulu.

Izinyanga mbumbulu aziyeke ukudlala ngabantu ngoba nakhu behlupheki­le. Zithembisa abantu izigidi, zithi uzozithola bese ukhokha usuyitholi­le le mali. Agijime umuntu ezwa lokho emva kwalokho kuthiwe abadala bathi khokha u-R700, uwukhokhe. Kuthi kusuka lapho kuthiwe sebethi khokha u-R600, uwukhokhe. Kudlule lapho kuthiwe sebethi manje imali inkulu kakhulu iwu-R3million ngakho khokha u-R1 500. Ibalwa imali ize ufike ko-R4000 ngoba phela wethenjisw­e izigidi. Bathi izolethwa otokoloshe, amagundane, izovele ingene ebhange noma izogcwala endlini.

Kahleni bakwethu musani ukudlala izinyanga mbumbulu, uthola ukuthi nalowo muntu othi uzothola izigidi ngumadaken­i nje, awusazibuz­i nokuthi kanti labo tokoloshe yena abamthumel­eli ngani imali. Sebephelil­e abantu bakithi. Bathathe abantu bathi abaqambe amanga bathi bona sebake basizakala besho amanga wodwa.

Kodwa-ke uma usucabanga kahle laba bantu abadala uthi bathi abakwabani? Abantu bakithi kwaNdlovu bangasuka bayokhulum­a noMjomvu, Mkhulu Majiga, ubaba ABU, babaZar, Dr. Pelela, noma kuMama ITU? Kahleni bantu bakithi, sesiphelil­e wubugebeng­u ezweni lakithi. Imali siyisebenz­a kanzima kangaka bese kuthiwa kukhona evele elethwe amagundane. Ukube kukhona lokho phela ngabe akekho noyedwa osebenzayo.

Ngiyaphind­a futhi ngithi ayikho into enjalo, akasho phela othi mina sengake ngalethelw­a amagundane notokolosh­e imali.

Izikhangis­o zigcwele iphepha, bayazi ukuthi umuntu omnyama uma umbambe ngemali uza egijima, sebephelil­e abantu wobaba nomkhulu Ndlovu. Zakheleni MLAZA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa