Kumenywa uZulu kowokuzalwa kweSilo
KUMENYWE uZulu ukuthi aphume ngobuningi ngempelasonto emcimbini omkhulu wokugubha ukuzalwa kweNgonyama yamaZulu, Inkosi uGoodwill Zwelithini.
Izolo, iSilo sigubhe iminyaka engu-69 yokuzalwa kwaso nabantu abadala KwaNongoma.
Amazwi okusihalalisela abengena engenile. UNdunankulu wesifundazwe uMnuz Willies Mchunu usifisele usuku oluhle ngesikhathi ekhuluma esiShayamthetho sesifundazwe, eMgungundlovu. Kusasa kunomcimbi omkhulu lapho kumenywe khona uZulu ukuzogubha neNgonyama.
UMntwana uThulani Zulu, okhulumela iNdlunkulu, uthe kuzoqala ngomgubho omkhulu lapho kuzobe kuvunulwe khona.
Uthe kuzobe kutshengiswa ngemvunulo yesintu kunandiswa ngomculo wendlamu nokamaskandi bese kuthi ntambama kube nesidlo santambama.
“Ucwaningo luveza ukuthi iSilo yisona kuphela e-Afrika esesibuse iminyaka engu-46. Lolu cwaningo luphinde luveze ukuthi emhlabeni wonke jikelele singumholi wesibili ukubusa isikhathi eside siza ngemuva kweNdlovukazi yamaNgisi,” kusho uZulu.
Uthe lokhu kusho lukhulu eNdlunkulu wathi iMbube ihlonishwa kakhulu ngezinto ezenzayo.
“Baningi abaholi esebenza nabo ukuphucula impilo yomphakathi. Baningi oNgqongqoshe abafikayo befuna sibe semikhankasweni eminingi okubalwa eyezemfundo nezolimo,” kusho uZulu.
Ngesikhathi uMchunu efisela iMbube usuku oluhle uthe sekuneminyaka igqugquzela uxolo nokubuyisana.
Uthe nangemuva kodlame lwezepolitiki iMbube yabiza abaholi bezepolitiki yabahlanganisa iphemba ukuthula.
“IMbube ibeka phambili abantu bakuleli kunoma yini eyenziwa wuhulumeni. Siyajabula ngoba iSilo sihlezi siseseka ezinhlelweni zokuthuthukisa umphakathi nokulwa nezidakamizwa. Unwele olude, sengathi singaqhubeka nobuholi obuqotho ezintweni ezithinta ingculazi nezinye izinhlelo,” kusho uMchunu.