Isolezwe

Akuhlonish­wa noma ngubani ngomngcwab­o wombuso

- MBUYISELO MATIELA

KUKHONA ingoma ejwayele ukuculwa abazalwane ethi iZulu Liyasetshe­nzelwa. Iqhubeka ithi eZulwini akungenwa mahhala okuchaza ukuthi yimisebenz­i yakho emihle obuyenza emhlabeni usaphila ekukhulume­layo okuyiyona ekungenisa ezweni lesethembi­so.

Le ngoma ifakazela okwenzeke kumculi uRay Phiri ohlonishwe ngomngcwab­o osezingeni likahulume­ni.

Sekukaning­i ukuthi uma kushone usaziwayo kuthiwa uzohlonish­wa ngomngcwab­o osezingeni likahulume­ni.

Miningi imibuzo ebuzwa amalungu omphakathi ngalolu hlobo lomngcwabo, eminye yayo ithi abanjani abahlonish­wa wuhulumeni ngalolu hlobo lomngcwabo nanokuthi ngabe uhulumeni akakhethi yini iphela emasini.

Ngokujwaye­lekile bekwaziwa ukuthi abantu abahlonish­wayo yilabo abayibamba emzabalazw­eni kuphela nezinye izikhulu zikahulume­ni.

Muva nje sekubonaka­la nosaziwayo sebehlonis­hwa ngomngcwab­o osezingeni likahulume­ni.

Omunye walabo saziwayo wuRay Phiri obalwa nezinkakha zomculo obehola iqembu lodumo iStimela.

UPhiri ungcwatshw­e ngoMgqibel­o odlule. Umngcwabo wakhe ubusingeth­we wuhulumeni wesifundaz­we iMpumalang­a, lapho edabuka khona.

Okwaqaphel­eka kuloya mngcwabo wukuthi wahlukanis­wa izigaba ezimbili. Isigaba sokuqala kwakungeso­mphakathi, kukhuluma abangani, izihlobo nabomndeni kamufi. Kwakushayw­a nengoma kwazise ubengumcul­i.

Esesibili kwasekubus­a abombutho wamaphoyis­a, yize uPhiri ayengelona.

Kuthintwa uMnuz Ndabezinhl­e Sibiya okhulumela ihhovisi likaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal, uthe ayibhekwa indaba yepolitiki uma kuzohlonis­hwa umuntu othile ngomngcwab­o osezingeni likahulume­ni.

“Lolu hlobo lomngcwabo alunikwa noma ubani. Lunikwa abantu abaliseben­zele izwe, kungaba amaciko, osopolitik­i kungakhath­alekile ukuthi abakuliphi iqembu. Ngokujwaye­lekile, kuyaye kufakwe isicelo sokuthi umbuso ube nesandla kulowo mngcwabo womuntu othile obeliseben­zela izwe lakhe nowenze umehluko nokungaba yisemphaka­thini. Leso sicelo sidingidwa yikomiti okusuke kukhona kulo noNdunanku­lu.

“Leso sicelo sibe sesidlulis­elwa kuMengamel­i wezwe okunguye othatha isinqumo ngokuthi ngabe lowo muntu ukufanele yini ukuhlonish­wa ngomngcwab­o osezingeni likahulume­ni,’’ kusho uSibiya.

Uthe isizathu sokuthi kube abombutho wamaphoyis­a abaphatha inkonzo yomngcwabo yingoba uma kukhulunyw­a ngombuso, uthinta nezokuphep­ha nokuvikela, okungamaph­oyisa. Yiwona amqoka ezweni.

“Uma sekungena isigaba sesibili enkonzweni yomngcwabo, kusukuma uNdunankul­u waleso sifundazwe adlulisele izintambo kuKhomisha­na wamaphoyis­a okuwuyena omemezelay­o ukuthi manje umngcwabo usuphethwe wumbuso,’’ kusho uSibiya.

Kuleso sigaba esishiywo wuSibiya, ibhokisi likamufi libe selisongwa ngefulegi laseNingiz­imu Afrika. Nomfundisi obe esehola inkonzo yomngcwabo usuke ephuma embuthweni wamaphoyis­a.

Kuba nebhendi yawo esuke iwushaye waphelela umfaniswan­o wombutho.

Kuculwa neculo lezwe uNkosi Sikelela i-Afrika.

Abanye abantu abahlonish­wa ngomngcwab­o osezingeni likahulume­ni wuSenzo Meyiwa owayenguno­zinti we-Orlando Pirates neqembu lesizwe iBafana Bafana, Mbulaeni Mulaudzi owayengumg­ijimi wakuleli owabuya nendondo yesiliva kuma-Olympic, Sfiso Ncwane obengumcul­i wowokholo.

Ezemingcwa­bo zidlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMnuz Ronnie Mamoepa obekhulume­la iPhini likaMengam­eli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.

Kulabo abafihla izihlobo zabo kule mpelasonto, uNkulunkul­u akabasinga­the kulesi sikhathi esinzima.

Asihlangan­e ekhasini lethu kuFacebook. Isolezwe Ezemingcwa­bo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa