UButhelezi umbona eyithofi uPonteras
UMPETHA we-International Boxing Organisation (IBO) Junior Bantamweight, uGideon Buthelezi uyalele imbangi yakhe ukuthi impi yabo iyithathe njengeholidi nethuba lokugibela indiza nokudla mahhala ngoba izobuyela emuva ishwiba izandla.
UButhelezi uzovikela ibhande le-IBO kuRyan Rey Ponteras wasePhilippines empini ezoba se-International Convention Centre (ICC), e-East London kusihlwa. Le mpi ingenye yezihlelwe yiXaba Promotions and Events okuhloswe ngazo ukubungaza impilo kaMadiba owayeyibhokisa.
UButhelezi uzobe evikela ibhande lakhe okwesithathu kusukela eliwine lingaphethwe muntu ngo-2015 ehlula uMakazole Tete. Ugcine ukulivikela ehlula u-Angel Aviles waseMexico ngoMashi eGauteng.
“Yena akalona ibhokisa elithusayo ngokwendlela akheke ngayo kodwa ngeke wazi ngalaba bantu. Umbona enomzimba omncane kodwa adedele izibhakela eziqinile njengoba ephuma ePhilippines. Njengoba ephuma kude, le nto akayithathe ngathi uzozipholela nje lapha uze eNingizimu Afrika okokuqala yibhanoyi nokudla kwamahhala, ahole ahambe ngeke ahambe nalo ibhande, ngizolivikela,” kusho uButhelezi.
Ngaphandle kukaButhelezi abalandeli besibhakela bazobhema bakholwe ngabashayisibhakela abafana noLudumo Lamati, Mfundo Gwayana noSiyabonga Siyo.
UButhelezi egcina ukulwa nebhokisa lasePhilippines wahlulwa ngo-2013 empini eyimpinda ngu-Edrin Dapudong.“Ngibheke ukuzowina nokulwa ngendlela engcono kakhulu.Kade ngifuna ukulwa nomuntu ofana noButhelezi. Ngambona elwa noDapudong, kuzofanele anyuse izinga.”