Isolezwe

UButhelezi umbona eyithofi uPonteras

- ZAKHELE XABA

UMPETHA we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) Junior Bantamweig­ht, uGideon Buthelezi uyalele imbangi yakhe ukuthi impi yabo iyithathe njengeholi­di nethuba lokugibela indiza nokudla mahhala ngoba izobuyela emuva ishwiba izandla.

UButhelezi uzovikela ibhande le-IBO kuRyan Rey Ponteras wasePhilip­pines empini ezoba se-Internatio­nal Convention Centre (ICC), e-East London kusihlwa. Le mpi ingenye yezihlelwe yiXaba Promotions and Events okuhloswe ngazo ukubungaza impilo kaMadiba owayeyibho­kisa.

UButhelezi uzobe evikela ibhande lakhe okwesithat­hu kusukela eliwine lingapheth­we muntu ngo-2015 ehlula uMakazole Tete. Ugcine ukulivikel­a ehlula u-Angel Aviles waseMexico ngoMashi eGauteng.

“Yena akalona ibhokisa elithusayo ngokwendle­la akheke ngayo kodwa ngeke wazi ngalaba bantu. Umbona enomzimba omncane kodwa adedele izibhakela eziqinile njengoba ephuma ePhilippin­es. Njengoba ephuma kude, le nto akayithath­e ngathi uzoziphole­la nje lapha uze eNingizimu Afrika okokuqala yibhanoyi nokudla kwamahhala, ahole ahambe ngeke ahambe nalo ibhande, ngizolivik­ela,” kusho uButhelezi.

Ngaphandle kukaButhel­ezi abalandeli besibhakel­a bazobhema bakholwe ngabashayi­sibhakela abafana noLudumo Lamati, Mfundo Gwayana noSiyabong­a Siyo.

UButhelezi egcina ukulwa nebhokisa lasePhilip­pines wahlulwa ngo-2013 empini eyimpinda ngu-Edrin Dapudong.“Ngibheke ukuzowina nokulwa ngendlela engcono kakhulu.Kade ngifuna ukulwa nomuntu ofana noButhelez­i. Ngambona elwa noDapudong, kuzofanele anyuse izinga.”

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? UGIDEON Buthelezi (kwesokunxe­le) uthembisa ulozolo lwesibhake­la esebhekene noRyan Rey Ponteras wasePhilip­pines empini ese-East London namuhla. Lapha wathathwa ezolwa nomkhaya kaPonteras u-Edrin Dapudong ngo-2012
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG UGIDEON Buthelezi (kwesokunxe­le) uthembisa ulozolo lwesibhake­la esebhekene noRyan Rey Ponteras wasePhilip­pines empini ese-East London namuhla. Lapha wathathwa ezolwa nomkhaya kaPonteras u-Edrin Dapudong ngo-2012

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa