UDan usebatholile abadlali abebadinga
UMQEQESHI weChippa United uDan “Dance” Malesela (osesithombeni) useqedile ukuqinisa iqembu lakhe njengoba esebathole bonke abadlali abebadinga.
UMalesela ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo ntambama ngemuva komdlalo wezakhe wesihle neLamontville Golden Arrows eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
IChippa isiqinise iqembu ngoBrighton Mhlongo, James Okwousa, Mark “Professor” Mayambela, Mahlatshe Makudubela, Samuel Julies, Kurt Lenjties no-Abel Mabaso. Leli qembu liphinde labuyisa uZitha Macheke obebolekiswe kuThanda Royal Zulu.
“Sengiqedile ukutheza izinduku ezintsha engizogadla ngazo ngesizini ezayo. UMabaso uzobe edlala kithina ngesizini ezayo. Iqembu lethu liqine zonke izindawo, abadlali esibalandile abazongena khaxa esitayeleni sethu sokudlala. Iqembu lakhiwe abadlali abancane abasalambele impumelelo nabanesipiliyoni njengoKatlego Mashego noLentjies. Bekunzima ukuhlukana nabadlali abawumgogodla weqembu. Sifunde isifundo ngokudedela abadlali bethu abamqoka. Njengamanje sesizobhekisisa kahle ukuthi mungakanani umonakalo ongadalwa abadlali abashiya iqembu,” kusho uMalesela. IChippa idedele inqwaba yabadlali abamqoka kula masizini adlule. Ihlukane noXola Mlambo, William Twala, Joseph Moloangane, David Zulu, Nkosinathi Mthiyane, Marc van Heerden no-Thamsanqa Sangweni
“Udonga lwethu lwasemuva luqine kamnandi. Emapalini umbango wejezi uyashisa okuyinto engajabulisa noma yimuphi umqeqeshi. Iqembu lethu lisadinga eminye iminyaka emithathu ngaphambi kokuthi libe sesimeni sokulwela ukudla isicoco seligi. Okwamanje sisabheke ukunqoba izicoco zemiqhudelwano yemikhumulajezi. Uma singafinyelela kowamanqamu bese sinqoba esisodwa singajabula kabi. Ngesizini edlule sifinyelele kuma-semi final emiqhudelwano emibili ngesizini yami yokuqala. Asifuni ukukopela izinto zabantu. Sizokwenza izinto ngendlela yethu,” kusho uMalesela.
UMhlongo udlalile ngesikhathi iChippa ibhekene ne-Arrows kowesihle. Lo nozinti kuke kwaba namahebezi okuthi usebuyele kwiPirates kodwa waphinde wabuyela kuChilli Boys.