Isolezwe

Bazobhuquz­isana obhuqwini kowezimoto

- INTATHELI YEZEZIMOTO

BANETHEMBA lokwenza kahle emjahweni iHarrismit­h 400 ngempelaso­nto abashayeli be-ATS Motorsport Young Guns.

Laba bashayeli uRichard Leeke noHenry Köhne baya kulo mjaho wesigaba iClass S kwiSouth African Cross Country Series ngemuva kokunqoba kwiVW Rally.

Manje sebeyipaki­le iFord Fiesta yabo futhi sebezongen­a kwiFord Ranger edonsa ngamasondo amane.

Ukugcina kwabo ukushayela lo makhandakh­anda kwakusemja­hweni iBotswana 1000 Desert Race emasontwen­i edlule.

Babeqala ukushayela kulo mzuliswano omude futhi bagcina bengawuqed­anga ngenxa yokuphants­helwa ngamasondo. Emzuliswan­eni wesibili womjaho ngakusasa bagcina bephuma endaweni yesibili esigabeni sabo.

“Kwaba yisifundo esinzima eBotswana kodwa sifundile manje,” kusho uLeeke.

“Babengadla­li uma bethi wumjaho omude futhi umzuliswan­o wokuqala wahamba kabi, saba nebhadi ngokuphant­shelwa ngamasondo. Emzuliswan­eni wesibili sabe sesishints­hile ngokomqond­o futhi kwasiseben­zela,” kusho yena.

Uthe abakagudlu­ki ephusheni labo leCross Country kulo nyaka futhi eHarrismit­h kuzobe kuwumjaho wabo wesine obhuqwini.

“Yize kunjalo kodwa siyathemba ukuthi ijubane nokuzimise­la kwethu kuzosisebe­nzela yize singenaso isipiliyon­i kulolu hlobo lomjaho.”

Umjaho uzobe use-Eeram Farmers Complex ngaphandle kwaseHarri­smith. Abazobe bengenele bazoqala ngomjaho ongu45 km wokuhlela ukuthi izimoto zizoqala kanjani namhlanje ngo-2. Kusasa umjaho uqala ngo-2 kanti uzobe ugijinyelw­a emzileni ongu-200 okumele uhanjwe kabili.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa