Kusolwa ombombayi bamathikithi ngomshophi
KUSOLWA ukuputshuka kwamathikithi angombombayi ngokuba nomthelela ekufeni kwabalandeli ababili emdlalweni weCarling Black Label Champion Cup obuphakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ntambama, eFNB Stadium, eGoli.
IChiefs ihluke iPirates ngo-1-0 kulo mdlalo.
Injabulo yokubona izinkunzi zaseSoweto zishukana kowokuvula ngokusemthethweni isizini yePremier Soccer League (PSL) iphenduke umunyu emindenini emibili egcine ingatholakalanga njengoba kuvele ukuthi ibingakaziswa ngokusemthethweni ngokushona kwamalungu ayo.
Oyedwa obekuthiwa usesimweni esibucayi kuthiwa sekuyoba ngozi makhaza kuye. Abangu-19 abebethole imihuzuko okubalwa kubo nengane kuthiwa bakhishiwe esibhedlela.
Ngesikhathi umdlalo usuyela ngasekhefini kuqale kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sekufe abantu ababili esangweni u-J, eFNB.
Ngemuva komdlalo uJacques Grobbelaar oyisikhulu esiphezulu eFNB ukuqinisekisile ukufa kwababili athe bagxobeke kabi emakhanda.
Umbuzo ovelile ngothi kungani abaxhumene nalo mdlalo bebone kungcono ukuthi uqhubeke yize sekwenzeke lo mshophi?
Ephendula kulokhu uGrobbelaar uthe: “Iqiniso lapha ukuthi umshophi wenzeke sekusele imizuzu engu-20 ukuthi umdlalo uqale. Ngesikhathi abosizo lokuqala bexilonga abebelimele, abasishiyile bebengakhombisi ukuthi balimele ngendlela yokuthi bebengaze bashone okwenze baphuza ukubasiza. Sihlanganile sonke esithintekayo ekuhlelweni kwalo mdlalo saphuma nesinqumo sokuqhubeka nomdlalo ngoba bekungaba enkulu ingozi ukumemezela ngosekwenzekile. Besinovalo lokuthi abantu bangavele basukume kanye kanye kwenzeke umonakalo omkhulu.” Mayelana namathikithi angombombayo uthe: “Kukhona osithintile ngoLwesine esixwayisa ngawo sabe sesixhumana namaphoyisa. Bakhona ababoshiwe ngalokhu kodwa futhi sikholwa wukuthi abantu abalinganiselwa ku-150 abafike enkundleni bewaphethe base beyavinjwa. Ngenxa yokudinwa yilokho abanye babone kungcono badudule udonga bangene ngendlovu THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. iyangena. Okuhle wukuthi sinabo ubufakazi balokhu emakhamereni ethu. Okunye okusemqoka wukuthi sesixhumene nezikhulu eziphezulu zakwa-computicket ngoba sesitholile futhi ukuthi lawa mathikithi angekho emthethweni abengaqhumi etsheni kepha abekhishwa ngenye yama-computicket ekhona eGoli.”
NgokukaMasilo Machaka ongomunye wabalandeli abaqavile beChiefs, ukuqhela kweziphathimandla kubalandeli kunomthelela.
“Kubi okwenzekile kodwa futhi sixakwa wukuthi kungani kungazange kube nokuxokozela njengazo zonke izikhathi uma kukhona okwenzekile enkundleni. Ngeke kusisize kangako ukukhuluma manje kodwa abaphathi bebhola abangagcini ngokwamukela imali yabalandeli kuphela kepha ababasondele ukuze bezokwazi abakuthandayo nabakudingayo. Ngalokho izimo ezifana nalezi zingagwemeka,” kusho uMachaka.
IChiefs, Pirates, FNB Stadium, Carling Black Label, Safa nemeya yaseGoli, uHerman Mashaba badlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe.
Kuthenjiswe ukuthi kuzophenywa ukuze kutholakale imbangela yokufa kwababili nokuthi besingeke yini sigwemeke isehlo.
Izolo abakwaCarling abathandanga ukuphendula imibuzo. Bathe kusaqhutshekwa nophenyo, bazokhuluma namuhla sebekhipha namagama abashonile.