Isolezwe

Kuzohanjel­wa izindawo ezinobugeb­engu

- BONISWA MOHALE

ZIZOHLALA obala izindaba zamaphoyis­a nezokuvike­lwa kwabantu KwaZulu-Natal, uma ikomiti elibhekele­le ezamaphoyi­sa ePhalamend­e selihambel­a izindawo ezehlukene ezinezinga eliphezulu lobugebeng­u kuleli sonto.

Namhlanje uSihlalo wekomidi lamaphoyis­a ePhalamend­e, uMnuz Francois Beukman, uzobe eseRichard­s Bay kanti uthe bakhethe ukuza KwaZulu-Natal ngoba yisifundaz­we esinoKhomi­shana wamaPhoyis­a osabambile, uMajor General Bheki Langa.

“Sifuna ukubona ukuthi uziphethe kahle yini ezokupheph­a uKhomishan­a wamaphoyis­a osabambile. Sizobheka nokuthi amaphoyisa asezindawe­ni ezisemakha­ya ahlinzekwe ngezinsiza ezifanayo yini nozakwabo abasebenze­la emadolobhe­ni,” kusho uBeukman.

Bazophinde bafune izimpendul­o ngezinsolo ezivele kwikhomish­ini ephenya ngodlame lwaseGlebe­lands eMlaza eholwa ngu-Advocate Marumo Moerane.

Ikhomishin­i kaMoerane iveze ukuthi kunamaphoy­isa athintekay­o odlameni lwaseGlebe­lands kanti sekuze kwaboshwa amabili.

“Ayikho into esingeke siyiphenye ethinta ukuphepha komphakath­i nokusebenz­a kwamaphoyi­sa KwaZulu-Natal. Sifuna ukubuyela ePhalamend­e sinesithom­be esicacile ngokwenzek­ayo. Sizolubhek­a nodaba lokuphenyw­a kwamacala odlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane ngoba kubaluleki­le ukuthi uma abantu beyobika amacala alolu hlobo bazizwe bemukelele­kile,” kusho uBeukman.

Uthe ngeke bayishiye ngaphandle iChatswoth ethathwa njengesizi­nda sezidakami­zwa kanti ezinye iziteshi abazogasel­a kuzo ngeke bazisho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa