Isolezwe

Konke kuvuna iLions ngesicoco

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BANGENE nazo endizeni zilimele izidlakela zama-All Blacks abeqembu laseNew Zealand iCanterbur­y Crusaders ngethemba lokuthi kuzothi kushaya isikhathi somdlalo wamanqamu weVodacom Super Rugby ne-Emirates Airlines Lions ngoMgqibel­o zibe seziluleme.

Ngemuva kokuhlula iWaikato Chiefs kowandulel­a owamanqamu ngoMgqibel­o ekuseni, iCrusaders ingene endizeni isibhekise amabombo kuleli lapho izobhekana khona neLions equmbe phansi ompetha bangonyaka odlule iHurricane­s ngo 44-29 e-Emirates Airlines Park, eGoli.

Ukaputeni weqembu lesizwe laseNew Zealand, uKieran Read, ushayeke kanzima edolweni okuphoqe ukuthi angabe esawuqeda umdlalo wabo neChiefs abawunqobe ngo 27-13. No-Owen Franks ongelinye lamathemba ama-All Blacks ukhona eqenjini eliza kuleli kodwa naye akazange awuqede oweChiefs ngenxa yakho belu ukulimala.

Yize kunjalo kodwa konke kuvuna ezikaJohan Ackermann oselisonde­zile iphupho lakhe lokushiya amaLions engompetha. Iqembu lakhe libuye seliyoshon­a lakhombisa izimpawu zokukhula okwenza libe nethuba elihle lokuguqisa leli qembu laseNew Zealand eseliwudle amahlandla ayisikhomb­isa umqhudelwa­no weSuper Rugby.

ILions inqoba nje ike yalandela emuva ngo 22-3. Lokhu kumjabulis­e kakhulu u-Ackermann kwazise iqembu lakhe linethuba lokusula izinyemebe­zi zangesizin­i edlule lapho lishaywe khona yiHurrican­es.

Kuzobe kungokwesi­ne owamanqamu weSuper Rugby udlalelwa eNingizimu Afrika kusukela ngo-1996 kanti kuzoba yisipho esikahle kulo mqeqeshi oya e-England ngemuva kweSuper Rugby.

“Lokhu yikhona kanye ebengihlal­e ngiphupha ngakho. Bengifisa ukuqedela phambi kwabalande­li bethu njengoba kuzokwenze­ka kowamanqam­u. Uma sinqobile njengoba sifisa ngizoshiya iqembu engilizwa ngaphakath­i ngijabule enhliziywe­ni yami,” kusho u-Ackermann.

Okufanele ukuthi kwehle kahle kubalandel­i beLions indlela u-Elton Jantjies adlale ngayo ngemuva kokugxekwa okukhulu akuthole ngodaka alushaye bedlula ngembobo yenaliti kuCell C Sharks kuma-quarter final.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa