Isolezwe

IBucs iguge iphakethe ngoNyatama

- MINENHLE MKHIZE Ebika esoLundi

IGUGE iphakathi i-Orlando Pirates ithenga umdlali weBleomfon­tein Celtic uMusa Nyatama.

Ngesonto eledlule iPirates imemezele uNyatama njengomdla­li wayo omusha. Lo mdlali oyibamba enkabeni yenkundla usezoyihli­kihla kweZimnyam­a ngesizini ezayo.

Umthombo weSolezwe ongaphakat­hi kwiSiwelel­e utshele leli phephandab­a ukuthi iBucs iguge iphakethe ngesikhath­i ithenga uNyatama.

“Isinqumo sokudedela uNyatama besihambis­ana nokucabang­ela ibhizinisi. ICeltic ibifuna ukumgcina kodwa ibone kahle ukuthi ngeke ikwazi ukuyeka isamba semali esibekwa yiPirates. IPirates ihlukane no-R5 million. Empeleni iPirates iqale yafuna u-Alfred Ndengane kodwa iCeltic yanqaba ngoba isafuna ukumsebenz­isa. KuMusa babonile ukuthi yize besamdinga kodwa ngeke balahlekel­we kakhulu ngoba neminyaka yakhe isihambile,” kusho umthombo.

UNyatama (29) useke wayibamba eqenjini elikhulu phambilini. Wayegijima kuMamelodi Sundowns engompetha beCaf Champions League ngaphambi kokuwelela kwiSiwelel­e.

KwiPirates kubhekwe ukuthi afike ayibambe noThamsanq­a Sangweni no-Oupa “Ace” Manyisa enkabeni yenkundla.

Ungenile enkundleni ngesiwombe sesibili iPirates ibhekene neKaizer Chiefs koweCarlin­g Black Label Cup ngempelaso­nto.

Umqeqeshi weBucs uKjell Jonevret, usale ethathekil­e ngalo mdlali noThami Sangweni.

“Nabadlali ababili abasha bakhombisi­le ukuthi bazongena khaxa egiyeni. Kuningi okuhle okwenzekil­e kulo mdlalo noma sihluliwe. Sinamasont­o amathathu okuzilungi­selela, ngiyathemb­a ukuthi sizobukeka singcono uma sekuqala isizini,” kusho uKjell.

Umqeqeshi omusha weCeltic uVeselin Jelusic uthe ngeke akwazi ukudalula indaba yemali yize kubuhlungu ukuthi umdedele uNyatama.

“Siyaxolisa kubalandel­i ngokudedel­a laba badlali. Sikuqonda kahle futhi ukuthi ngeke kube lula ukuvala izikhala zabo. Bobabili (esho noDumsani Zuma ojoyine iKaizer Chiefs) siyazi ukuthi ngeke zivaleke kalula izikhala zabo. Sibafisela inhlanhla lapho beya khona,” uJelusic.

Usihlalo weZimnyama u-Irvin Khoza umatasa njengoba kuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

Ngesizini edlule iPirates ishaye udaka iqeda isizini ingekho kwiTop 8. Phezu kwalokho ithelwe ngehlazo lika4-1 kowamanqam­u weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium ngenyanga edlule.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMUSA Nyatama oseyibamba kwi-Orlando Pirates okuvela ukuthi leli qembu laseSoweto likhiphe izigidi ngaye
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMUSA Nyatama oseyibamba kwi-Orlando Pirates okuvela ukuthi leli qembu laseSoweto likhiphe izigidi ngaye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa