Isolezwe

Akukapheli ngoDJ Bongz neMabala Noise

- FANELESIBO­NGE BENGU

PHEZU kokuthi uDJ Bongz abhala ekhasini lakhe leTwitter emasontwen­i edlule ukuthi akasekho eMabala Noise Entertainm­ent, sekuvele ukuthi i-albhamu yakhe entsha izophuma kule nkampani.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, uBongz wathumela i-email ebusuku kungasekho muntu ehhovisi leMabala Noise ecela ukukhululw­a enkontilek­eni yakhe.

Ngakusasa ekuseni wabhala kuTwitter ukuthi useshiyile. Owayekhulu­mela iMabala Noise, uMhlo Gumede, wathi abayazi eyokushiya kwakhe.

UDJ Bongz uthe inkontilek­a yakhe isamkhomba eMabala Noise yingakho ezokhipha kuyona.

“Kune-albhamu okumele ngiyikhiph­e khona. Engakusho kuTwitter ngiyobuye ngikuchaze. Kusamele sihlale phansi neMabala Noise sikhulume sibone ukuthi yikuphi lapho konakele khona. Ubonile nawe ukuthi izinto ziyalungis­wa futhi kube nezinguquk­o,” kusho uBongz.

Uthe i-albhamu useyiqedil­e futhi uyinikeze imenenja yenkampani uSikhulile “Squiks” Nzuza ngoMgqibel­o.

USquiks ukuqinisek­isile ukuthi uyitholile i-albhamu kaBongz entsha wathi kodwa usaya emhlanganw­eni ucela ukunuye athintwe. Esethintwa ucingo bese lukhala lungabanjw­a.

UBongz uthe njengoba noMampints­ha eneWest Ink ekubeni esayine e-Afrotainme­nt, naye uneGwaragw­ara Entertainm­ent.

UBongz usanda kukhipha ingoma ethi Ngikhulile kuyo uNokwa.

“Ngisebenze nabantu abaningi njengeDBN Nyts, Tira, Moneoa, KT waseGoli, nophrojusa abancane abasakhula, Masandi owayekwiCa­shtime noDogynite­s waseNigeri­a,” kusho uBongz.

Uthe ubuyele esigqini sakhe sakudala azakhela ngaso udumo ngengoma ethi Thina Sobabili.

“Ngibuyele kuleso sitayela ngoba akekho omunye osishayayo. Abantu bazozwa ukuthi ngisukaphi. Ngizelwe kabusha,” kusho uBongz.

Uthe i-albhamu ayishayi ngesigqqi se-house kuphela kodwa kukhona nesakwaman­ye amazwe ase-Afrika.

“Kunezingom­a okungathi ezoDavido ngoba sifuna ukuthi umculo wethu usabalale. Sengingaya noma yikuphi phesheya ngiyodlala.” apike

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? USEQEDILE nge-albhamu yakhe ka-11 uDJ Bongz osenengoma entsha ethi Ngikhulile THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: SIBONELO NGCOBO USEQEDILE nge-albhamu yakhe ka-11 uDJ Bongz osenengoma entsha ethi Ngikhulile THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa