Isolezwe

Bayazihlan­gula emathikith­ini awombombay­i

- MTHOKOZISI MNCUSENI noBONISWA MOHALE

ABAKHIQIZA amathikith­i okubuka imidlalo ehlukene iComputick­et bayazihlan­gula emathikith­ini angombomba­yi okusolwa ukuthi abe yimbangela yokunyathe­lana okudlule kukho imiphefumu­lo emibili ngoMgqibel­o eFNB Stadium, emdlalweni weCarling Black Label Cup.

Yize bezihlangu­la kodwa uJacques Grobbelaar, oyimenenja yaseFNB Stadium, uveze ukuthi banabo ubufakazi obuzocacis­a ukuthi abantu babefuna ukungena ngesankahl­u enkundleni ngemuva kokujikisw­a ngenxa yamathikit­hi abo angekho emthethwen­i.

Le ndaba yamathikit­hi angumbomba­yi iphinde yavela nasesithan­gamini nabezindab­a izolo ebesibizwe nguSihlalo wePirates, uDkt Irvin Khoza, noSihlalo weChiefs, uKaizer Motaung. Womabili amaqembu acele ukuba ame eceleni abuke konke okuzokwenz­eka ngoba okwenzekil­e kwenzeke kudlala wona.

UKhoza uthe bacele iPremier Soccer League (PSL) ukuba iqashe noma ubani embona ukuthi usemnkants­hubomvu kwezokuphe­nya ukuze kucace ngokwenzek­ile. Ngokwencwa­di efundwe nguKhoza athe uyibhale noMotaung, kumele zingapheli izinsuku eziwu-14 uphenyo lungaqediw­e ngoba ukuhamba kwesikhath­i kuzokona izinto futhi kuneminden­i efelwe edinga izimpendul­o.

UMotaung uthe kubuhlungu okwenzekil­e futhi bazosondel­ana nemindeni uma isikhathi sesivuma.

“Ikhona futhi nemizamo yokuhlela inkonzo yesikhumbu­zo kodwa nakho lokho futhi kuzocaca kahle ngokuhamba kwesikhath­i,” usho kanje uMotaung.

Oyedwa walaba abashonile udalulwe ngelikaPri­nce Chauke osegatshen­i laseSabie. Kuvele ukuthi ungumshaye­li wetekisi waseLimpop­o futhi ubengumlan­deli weChiefs. Owesibili lisagodliw­e igama lakhe ngoba umndeni wakhe ubungakazi­swa kodwa kusatshelw­e isinqandam­athe sakhe kuphela.

Ababhekele­le ezokuxhuma­na kwaShoprit­e okuyiwona ophethe iComputick­et bathe bayazwelan­a nemindeni yabashonel­we.

Inkampani ekhiqiza ubhiya iSouth African Breweries ekhiqiza iCarling Black Label engabaxhas­i bomdlalo, ithe izolekelel­a imindeni eshonelwe ngezindlek­o zomgcwabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa