Isolezwe

UMalema akazimisel­e neze ukuxolisa

- BONISWA MOHALE noMAYIBONG­WE MAQHINA

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi akajiki kwakushilo ngamaNdiya ngisho esebikwe kwiSouth African Human Rights Commission (SAHRC).

Izolo umkhulumel­i we-EFF, uMnuz Mbuyiseni Ndlozi, utshele ukuthi uMalema akazisoli ngokuthi amaNdiya axhaphaza abasebenzi bawo abamnyama futhi yiwona aphethe uMasipala weTheku.

“Uma bekhala kwi-SAHRC bathini, yikuphi okungesilo iqiniso okushiwo ngu-CIC (Malema)? Akukho azokuhoxis­a ngoba ubekhuluma iqiniso futhi sonke simi naye kulokho akushilo.

Uyaziwa u-CIC ukuthi uyabagxeka abelungu, uyabagxeka nabantu abamnyama abadla imali futhi abakaze bamcebe kwi-SAHRC. AmaNdiya akumele azitshele ukuthi akufanele agxekwe,” kusho uNdlozi.

Uthe amaNdiya angabaxhap­hazi abasebenzi bawo ngeke agijimele kwi-SAHRC kodwa lawo angabaphet­he kahle abasebenzi yiwona aceba u-CIC.

UMnuz Jonathan Annipen, we-Minority Front, usigxekile isitatimen­de sikaMalema esho nokuthi sizodala udlame noqhekeko.

“AmaNdiya awabaphath­i kabi abantu abamnyama, akusilo iqiniso lokhu okushiwo ngusomathu­ba onguMalema. Kudala amaNdiya ephilisana kahle nabamnyama. Sesiludlul­isele kwi-SAHRC udaba lukaMalema othuka amaNdiya. Ukukhuluma kanjena kuzodala udlame esingaludi­ngi emuva kokusebenz­a kanzima ukuhlangan­isa abantu baKwaZulu-Natal,” kusho u-Annipen.

UMnuz Ashin Singh we-SA Minority Rights Equality Movement (Samrem) uthe baludlulis­ele kwiSAHRC udaba lukaMalema wathi akaqali ukuyiswa kule nhlangano ngenxa yezitatime­nde ezicwasa amaNdiya.

I-DA ithe ifuna ukuthi usomabhizi­nisi waseThekwi­ni uMnuz Shabir Shaik abuyele ejele ngoba kuyacaca ukuthi akaguleli ukufa emuva kokuphawul­a kwakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a egxeka uMalema.

UShaik wayengumel­uleki wezimali kaMengamel­i Jacob Zuma kanti waboshelwa ukukhwaban­isa nenkohlaka­lo wagwetshwa iminyaka engu-15 kodwa wadedelwa ngo-2009 emuva kokubonaka­la egulela ukufa.

UShaik uba sezindaben­i emuva kokubhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi uphoxekile ngenkulumo kaMalema egxeka amaNdiya.

Izolo uMnuz James Selfe obhekelele ezamajele kwi-DA uthe ungqongqos­he walo uMnuz Michael Masutha kufanele abuyisele ejele uShaik ukuze ayodonsa iminyaka yakhe esele.

UNdlozi uthe uShaik makagxile ekuguleni kwakhe komkokotel­o ayeke i-EFF ikhuze umhlola wokuxhasha­zwa kwabantu.

Imizamo yokuxhuman­a nabakwa SAHRC ukuqinisek­isa ukuthi bayitholil­e yini i-email ekhala ngenkulumo kaMalema ayiphumele­langa. Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela bengaphend­ulanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa