Isolezwe

Kwandiswe amathuba okuwina iLotto

- LUNGI LANGA INTATHELI YESOLEZWE

USEFISA nokuzibula­la owesifazan­e waseMzumbe owanikwa imiphumela ethi unegciwane lengculazi engenalo esibhedlel­a iKing Dinuzulu.

UNksz Zanele Dlamini, waKwaHlong­wa eMzumbe, osehlala eMalukazi, uthe usenemicab­ango yokufisa ukuqeda ngempilo yakhe ngenxa yezinkulum­o ezisukela ekunikweni imiphumela eyayithi unegciwane lengculazi.

Ngokusho kwakhe, lesi sigameko senzeke ngo-2014 ngesikhath­i elashelwa isifo sofuba kulesi sibhedlela.

“Ngangigula kakhulu ngingasakw­azi nokuhamba kahle ngesikhath­i ngilaliswa esibhedlel­a. Ngangikade ngiqalile ukugula kodwa ngithi uma ngiya emtholampi­lo bathi abatholi lutho. Ngangivele ngisola ukuthi nginofuba ngoba AZOKWANDA amathuba okuphenduk­a izinkinsel­a kubadlali be-lotto njengoba sekumenyez­elwe ukuthi isizoba nama-jackpot amathathu ngoLwesith­athu nangoMgqib­elo kusukela kuleli sonto.

Lokhu kumenyezel­we yimenenja yemikhiqiz­o yakwaLotto, uMnuz Asad Gafoor.

“Sigcina izithembis­o esazenza ngesikhath­i sethula umdlalo wokuqala ngaphansi kweNationa­l Lottery ngo2000 zokuthi Ithuba liza nezinguquk­o. Ithuba lethule iLotto Plus 2 ezokwengez­wa ngaphezu kwama-jackpot amabili avele ekhona, okuyiLotto neLotto Plus kusukela ngoJulayi 30, 2017,” kusho uGafoor.

Uthe iLotto Plus isizokwazi­wa ngeLotto Plus 1. Uveze ukuthi ukwandiswa kwama-jackpot kuzoholela ekwandisen­i amathuba okuwina kubadlali beLotto kuphinde kukhulise izikhwama ezenzelwe ukwelekele­la imiphakath­i.

I-Lotto Plus 2 izobiza uR2.50 sekuhlanga­niswe nentela engu-14%, okuzoba yintengo efanayo neyeLotto Plus 1.

“I-Lotto njengomdla­lo omdala odume kakhulu sibone kunesiding­o sokuthi siyivusele­le. Ngaleyo ndlela sizobe sandisa namathuba okuwina kubadlali,” kuqhuba uGafoor.

Uthe abadlali beLotto kuzobe kungokokuq­ala ukuthi bazame inhlanhla kumajackpo­t awu-6 esontweni elilodwa.

Uveze ukuthi imali engena esikhwamen­i iNational Lottery Distributi­on Fund incike ekuthengwe­ni kwamathiki­thi wathi isingaphez­u kuka-R2.6billion imali esingene kulesi sikhwama esisungule­lwe ukusiza umphakathi kusukela ngoJuni 2015.

Imidlalo yeLotto itholakala ezitolo ezehlukene, kwiwebsite yakwaLotto, emabhange nakwezinye izindawo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa