Isolezwe

Uchayiswe uhlelo lungakaqal­i

- FANELESIBO­NGE BENGU

USHAYWE ngesithend­e owayengums­akazi we-East Coast Radio, uZaba Simbine, okhishiwe njengometh­uli wohlelo lomculo iVodacom NXT LVL lungakaqal­i ngisho kuthelevis­hini.

UZaba, owayethula uhlelo lwantambam­a noPhat Joe kwi-ECR ushiye kulo msakazo emasontwen­i edlule.

Akucaci noma ushiye ngoba ayesethole umsebenzi wokwethula lolu hlelo yini.

Le ntokazi yaseThekwi­ni yase iqalile ukubonakal­a ezikhangis­weni zohlelo.

Ngokuthola kweSolezwe, uhlelo bekumele ludlale kuSABC 1 kodwa kwaba khona izinguquko njengoba seluzodlal­a kuMzansi Magic.

“IMzansi Magic ithe ifuna umuntu onesipiliy­oni ozolwethul­a hhayi uZaba. Yingakho abadidiyel­i kuphoqelek­e ukuthi bamshintsh­e,” kusho umthombo.

Okhulumela iVodacom, uByron Kennedy uthe: “Ulwazi onalo mayelana noshintsho kubethuli lushaya emhloleni.”

Uthe amagalelo kaZaba kusukela kuqalile abasize kakhulu futhi uzokhokhel­wa imali yakhe ephelele ngakwenzil­e.

“Uhlelo iNXT LVL luzodlala kuMzansi Magic kusukela ngoSepthem­ba futhi luzoveza nezilomo zomculo zaseMzansi uDJ Zinhle, Danny K, DJ Euphonik, Riky Rick nabaseThek­wini iBig NUZ njengabant­u ababukela kubo,” kusho uKennedy.

Lolu hlelo luzobe lukhombisa abaculi abasafufus­a befundiswa yilezi zilomo ngendlela ebheke empumelelw­eni.

Umthombo uthe iMzansi Magic iphakamise igama likaDenise Zimba ukuthi kube nguye olwethulay­o.

“Umethuli omusha wohlelo uzomenyeze­lwa ngokuhamba kwesikhath­i,” kusho uKennedy.

Imenenja kaZaba, uRenee Burton ithe ibingakazi ngalokhu. Icele ukuthunyel­elwa i-email ngoMsombul­uko nokushaye isikhathi sokushicil­ela ingayiphen­dulanga.

NeMzansi Magic igcine ingayiphen­dulanga imibuzo ethunyelel­we yona ngoLwesihl­anu.

UZaba uyazifela ngethelevi­shini. Uke wethula uhlelo lwakuSABC 2, iHectic Nine 9 futhi uke wazama inhlanhla yokulingis­a kwiRhythm City ku-e.tv.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa