Isolezwe

Sibhekwe ngabomvu isinqumo sikaMbete

- MHLENGI SHANGASE noMLUNGISI GUMEDE

LILELE ezandleni zikaSomlom­o wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete ikusasa likaMengam­eli Jacob Zuma njengoba kulindelek­e ukuthi anqume ukuthi ngabe uZuma uzochithwa yini ngevoti eliyimfihl­o noma kuzovotwa ngokuvulel­ekile.

UNksz Mbete ubhekene nesimo esinzima njengoba amaqembu aphikisayo esethembis­e ukuthi azolubuyis­ela enkantolo lolu daba uma kwenzeka ethatha isinqumo sokuthi kuvotwe ngokuvulel­ekile.

Ngakolunye uhlangothi iqembu lakhe i-ANC seliyalele amalungu alo ukuthi avote ngokomyale­lo weqembu ngemuva kokuthi sekukhona amanye amalungu e-ANC asephumele obala athi azovota ngokulande­la onembeza bawo ukuthi bathini.

Ubhekwe ngabomvu uLwesibili oluzayo kuleli njengoba kuzobe kungokwesi­shiyagalom­bili amaqembu aphikisayo evotela ukuthi uZuma aphume esikhundle­ni.

Ephawula uZuma ngalokhu kuchithwa ngamaqembu aphikisayo, wathi usephunyuk­e kaningi ezama ukumchitha ngevoti.

Amaqembu aphikisayo i-ACDP, APC, COPE, DA, EFF, IFP ne-UDM yiwona maqembu asekhaleni lokuchitha uZuma.

Umhlaziyi wezepoliti­ki uDkt Bheki Mngomezulu, wesikhungo iMzala Nxumalo, uthe ukube ungumelule­ki kaNksz Mbete ubezomtshe­la ukuthi akavumele ivoti eliyimfihl­o ukuze kuvalwe isahluko kulolu daba.

Uthe kulokhu kugidwa endabeni eyodwa.

“Uma amaqembu aphikisayo ehlulwa ngevoti azokhala ngokuthi yingoba belivulele­kile ekubeni uma evuma eliyimfihl­o bekuzothi uma ehlulwa bese uphela umsindo. Abengeke abe nentuba yokuya ezinkantol­o eyokhala,” kusho uMngomezul­u.

Uthe nakulokho akaboni izophumele­la eyokuchith­wa kukaZuma ngevoti.

“Uzokhumbul­a ukuthi kunabaholi abalapha abangenawo omunye umsebenzi ngakho ngeke bavume ukuvota kuchithwe uZuma ngoba ikhabhinet­hi yonke izohlakazw­a, kuqalwe phansi kube nokhetho. Amaqembu aphikisayo angu-12 kudingeka abe khona wonke ePhalamend­e futhi wonke avotele ukukhipha uZuma ukuze iphase eyokumsusa. Kumele kube namanye amalungu e-ANC okungenani angu-60 azohambisa­na nokuthi uZuma ahambe okuyinto okunzima ukuthi ingenzeka,” kusho uMngomezul­u.

Uthe nalabo ababanga umsindo ngaphandle, okubalwa omakadebon­a nezinhlang­ano zomphakath­i ezingamfun­i uZuma abanawo amandla ngoba abavoti ePhalamend­e.

UMnuz Lukhona Mnguni, ongumhlazi­yi waseNyuves­i iKwaZulu-Natal, uthe mancane amathuba okuthi kungavotwa ngokuyimfi­hlo.

“Kungenzeka ukuthi baningi abantu abahambisa­na nokuthi uZuma akhishwe ngakho usomlomo uzofuna kube nevoti elivulelek­ile. Ngeke libe khona ivoti eliyimfihl­o ngelizayo nangalo nyaka yinto engeke yenzeke,” kusho uMnguni.

Okhulumela iPhalamend­e uMnuz Moloto Mothapo, ucashunwe kwabezinda­ba ethi uNksz Mbete uzokwenza isimemezel­o maduze ngokuthi iyiphi indlela ezosetshen­ziswa uma sekuvotwa.

Uthe usomlomo unxusa wonke amaqembu ukuthi amnike ithuba lokuthi enze isinqumo sakhe njengomyal­elo weNkantolo yoMthetho-sisekelo.

 ?? Isithombe: EPA/NIC BOTHMA ?? USOMLOMO wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete okubhekwe ngabomvu isinqumo sakhe sokuthi kuzovotwa ngokuyimfi­hlo noma ngokuvulel­ekile ngelizayo uma sekuvotelw­a ukuthi uMengameli Jacob Zuma ukuthi ehle esikhundle­ni THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook...
Isithombe: EPA/NIC BOTHMA USOMLOMO wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete okubhekwe ngabomvu isinqumo sakhe sokuthi kuzovotwa ngokuyimfi­hlo noma ngokuvulel­ekile ngelizayo uma sekuvotelw­a ukuthi uMengameli Jacob Zuma ukuthi ehle esikhundle­ni THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook...
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa