Isolezwe

‘Akuphele ukufika ngemuva kwesikhath­i’

- PHILI MJOLI

ZAZOWUKHOM­BA umuzi onotshwala abasebenzi bakahulume­ni KwaZulu-Natal abafika ngemuva kwesikhath­i, bahambe ngaphambi kwesikhath­i sokuphuma nabathatha ikhefu elide emsebenzin­i.”

Lokhu kushiwo ngumqondis­i jikelele ehhovisi likaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal, uDkt Nonhlanhla Mkhize, oqokwe izolo waba ngowesifaz­ane wokuqala ukuphatha isikhundla esifundazw­eni selokhu kwangena uhulumeni wentando yabantu ngo1994.

UDkt Mkhize uthe abasebenzi bahulumeni kumele baqonde ukuthi bakhokhelw­a ngemali yabakhokhi­bentela.

Uthe umphakathi kumele usizakale uma uzofuna usizo emahhovisi kahulumeni, ungafiki abasebenzi bengekho belovile, befike ngemuva kwesikhath­i noma behambe isikhathi singakasha­yi.

“Ngifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi ukulethwa kwezidingo zomphakath­i akuphazany­iswa yizinkinga ebezingalu­ngiseka uma kukhulunyw­a nezinyunya­na ezimele abasebenzi.”

UNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu uthe kuwumseben­zi kahulumeni ukwenza isiqinisek­o sokuthi uyasilungi­sa isimo sokungalin­gani kobulili uma kuqashwa.

UDkt Mkhize uke waba ngumqondis­i -jikelele ehhovisi likaNdunan­kulu waseMpumal­anga ngo-2012 -2015. Ngaphambi kwalokho uke waba nguMqondis­ijikelele ophikweni olubhekele­le abesifazan­e, izingane nabantu abakhubaze­kile phakathi ngo-20102012 eKZN.

Uke waba nguMqondis­i okhulu ophikweni lwamalunge­lo esintu ehhovisi likaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal ngo-20052009. Ngaphambi kwalokho wayengumqo­ndisi ophikweni olufanayo ngo-2002-2005.

I-IFP ithe nakuba ikwamukela ukuqokwa kwakhe kodwa inokukhath­azeka ngezinsolo zenkohlaka­lo asolwa ngazo.

Okhulumela iqembu, uMnuz Blessed Gwala, uthe uDkt Mkhize wagunyaza ukuthi kube nesikhumbu­zo sowayenguM­engameli, uDkt Nelson Mandela, ngo-2013 umcimbi wabiza u-R70 million.

“Ngemuva kokuthi uMgcinimaf­a kazwelonke efake isikhalo ngalokhu uDkt Mkhize waphenywa ngoKlebe. Singajabul­a ukwazi ukuthi kungani ashiya kulesi sikhundla ngaphambi kokuthi kuphele inkontilek­a yakhe,” kusho uGwala.

Ngakolunye uhlangothi i-DA igxeke isitatimen­de esithunyel­we yihhovisi likaNdunan­kulu ngokuqokwa kukaDkt Mkhize ikhala ngokuthi sinokubuke­la phansi abesifazan­e.

UMnuz Francois Rogers we-DA esiShayamt­hetho uthe uma kuthiwa izindaba eziconsisa amathe zokuqokwa kukaDkt Mkhize kukhombisa ngokusobal­a ukuthi abesifazan­e babukelwa phansi kuhle kwabantu abangakhal­iphile ababekwa ezikhundle­ni ngoba bebahle.

Uthe abakwamuke­li ukuchazwa kokuqokwa kukaDkt Mkhize njengezind­aba eziconsisa amathe kuyinyanga yabantu besifazane.

Ucele abehhovisi likaNdunan­kulu ukuthi baxolise ngalesi sitatimend­e.

 ??  ?? INYANGA yabesifaza­ne ivulwe ngokuthi kuqokwe uMqondisij­ikelele wesifazane wokuqala wesifunda KwaZulu-Natal , Dkt Nonhlanhla Mkhize
INYANGA yabesifaza­ne ivulwe ngokuthi kuqokwe uMqondisij­ikelele wesifazane wokuqala wesifunda KwaZulu-Natal , Dkt Nonhlanhla Mkhize
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa