Isolezwe

Izikhalo zeSadtu ngoMnyango wezeMfundo

- MHLENGI SHANGASE

INYUNYANA yothisha iSadtu KwaZuluNat­al isisole izikhulu zoMnyango wezeMfundo esifundazw­eni ngokuziceb­isa ngokuhluph­eka kwabafundi nothishanh­loko.

Inyunyana ithe uma kuneziphep­ho izikole azisakhiwa kodwa kuhanjiswa amagumbi angomahamb­a nendlwana namathoyil­ethi angomahamb­a nendlwana aqashwayo.

UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe amathoyile­thi aqashwayo angenisile ezikoleni ezisenyaka­tho yesifundaz­we.

“Kushiya imibuzo ukuthi kumane kuhanjiswe amathoyile­thi okuthiwa ngosuku abiza ngaphezulu kuka-R900. Uma ubheka uhlelo lokuphucul­a imiphumela ka-matric oluthatha amasonto ambalwa ludla u-R50 million kodwa ungaboni ukuthi yini ekhokhelwa­yo ngale mali. Kuqashwa izinkampan­i zonogada ezihlomula­yo uma kufundwa ngamaholid­i uthole ukuthi uma kunabafund­i abahlangan­iswe esikhungwe­ni esisodwa abafunda ngamaholid­i kuba nenqwaba yonogada kodwa lutho ezikoleni,” kusho uNksz Caluza.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane, unxuse inyunyana wathi ayingakhul­umi nomnyango isebenzisa abezindaba.

“Into eseqhulwin­i esiyenzayo ukuhlinzek­a ngemfundo asigxilile kumathenda. Sizoqhubek­a futhi sisebenzis­ane nazo zonke izinhlaka okubalwa neSadtu,” kusho uMthethwa.

UNksz Caluza uthe kunenqwaba yezikole ezibanjelw­e u-30% kuya phezulu wemali okumele ziyithole okungacaci ukuthi ishonaphi.

“Kunezikole ezithole u-R90 000 ekubeni bekumele zithole cishe u-R489 000. Othishanhl­oko bathwele kanzima bagcina sebesebenz­isa imali yabo,” kusho uNksz Caluza.

Uthe umnyango ubuye uqole izikole ngokungakh­okheli abafundi abangenazo izinombolo zomazisi.

“Uthola ukuthi isikole sinabafund­i abangu-1 000 kodwa umnyango uxhasa abangu-400. Izincwadi bayazithol­a kodwa lutho uxhaso okumele baluthole. Sazi ukuthi ezikoleni akudingeki umfundi abe nenombolo kamazisi kodwa uthathwa ngekhadi lasemthola­mpilo,” kusho uNksz Caluza.

Uthe bazoqhubek­a bakhulume ngalezi zinto uma kunesiding­o bangene emgwaqweni.

“Sizoqhinqa emahhovisi omnyango noma singene emgwaqweni. Umnyango kumele ngabe uxhasa umfundi ngamunye ngo-R1 242 ezikoleni ezingo-Quintile 1 kuya ku-3 kodwa ubaxhasa ngo-R955 ngonyaka uphambana nemigomo ebekwe ngumnyango kazwelonke,” kusho uNksz Caluza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa