Isolezwe

I-DA iphakamise ukuthi iMeya yeTheku ishenxe esikhundle­ni

- MLUNGISI GUMEDE

I-DA eThekwini isiphakami­se ukuthi iMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede ishenxe esikhundle­ni ngoba imsola ngokwehlul­eka ukuphatha umasipala.

Izolo iDA iqhinqe ngaphandle kwaseCity Hall lapho izwakalise ukukhathaz­eka kwayo ngezinto ezenzeka emkhandlwi­ni kubalwa ukuthengwa kwezinja, izimoto zezempi zamasosha nokuhamba kwezikhulu ezinamava. I-DA iqhube lo mkhankaso wayo ngaphambi kokuba kuqale umhlangano wamakhanse­la omkhandlu.

Umholi wekhokhasi yeDA eThekwini, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe sebekhathe­le ukuthula bebona kudlalwa ngemali yabakhokhi­bentela emkhandlwi­ni ngaphansi kobuholi bukaNkk Gumede.

Uthe bafuna umphakathi wazi ukuthi kuqhubekan­i ukuze ungababuzi ukuthi babethulel­eni. Uthe bafuna kwenziwe uphenyo futhi nge-Essence Festival lapho besola khona ukuthi kudliwe izimali.

Ukuqhinqa kwamalungu e-DA ngaphandle eCity Hall kugcine sekujoyinw­a nangamalun­gu e-IFP.

Umholi wekhokhasi ye-IFP eMkhandlwi­ni weTheku uMnuz Mdu Nkosi uthe yize benezikhal­o ngezinto ezenzeka emkhandlwi­ni kodwa abasho ukuthi imeya ayishenxe esikhundle­ni.

“Uma i-DA ithi imeya ayiphume okwayo lokho kusho ukuthi inobufakaz­i bezinto ekhuluma ngazo thina asinabufak­azi obubambeka­yo esingama ngabo,” kusho uNkosi.

Uthe bayaluseka uphenyo olujutshwe imeya nemenenja yomkhandlu uMnuz Sipho Nzuza.

“Phezu kophenyo lo mkhandlu nami sengibhale­le uMvikeli woMphakath­i u-Advocate Busisiwe Mkhwebane ngimcela ukuthi enze uphenyo ngezinsolo ezibikwa eThekwini,” kusho uNkosi.

Okhulumela imeya, uMnuz Mthunzi Gumede uthe isenzo seDA sayizolo sihlobene nomkhankas­o wayo kazwelonke wokulwisan­a nentando yabantu nohulumeni okhethwe ngokwentan­do yabantu.

“Selokhu kwathi nhlo i-DA ayikaze ivumelane nohlelo lokuthuthu­kiswa komphakath­i yingakho ihlezi ilwisana noMeya, ayimfuni uhulumeni oholwa ngumuntu omnyama ngoba iyazi uzokhipha abantu abamnyama enhluphekw­eni,” kusho uGumede.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa