Isolezwe

Kuzobabhed­ela abagwazela izincwadi

- KHULEKANI MASEKO

INHLANZI izoshelwa amanzi kwabagwaze­la ukuthola izincwadi zokushayel­a njengoba uNgqongqos­he wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­a koMphakath­i uMnuz Mxolisi Kaunda ememezele ukuthi kuzoqinisw­a ezobuchwep­heshe ezikhungwe­ni zokuhlolel­wa ukushayela, ukuze kuliwe nenkohlaka­lo.

Ukusho lokhu ngesikhath­i evakashele isikhungo sokuhlolel­wa ukushayela esiseRossb­urgh eThekwini izolo.

“Ngeke sibabekeze­lele abantu abenza izenzo zenkohlaka­lo ezikhungwe­ni zethu zokuhlolel­wa ukushayela.

“Njengenye indlela yokulwa nenkohlaka­lo, sithuthuki­sa ezobuchwep­heshe ukuqapha ngelokhozi zonke izinhlelo ezenziwa ezikhungwe­ni zethu,” kusho uKaunda.

Inhloso yokuhambel­a kukaNgqong­qoshe kulesi sikhungo bekungukux­oxa namalungu omphakathi afaka izicelo zezincwadi zokufundel­a ukushayela nezokushay­ela, nokubheka izindlela ezingasets­henziswa ukulwa nenkohlaka­lo kulezi zikhungo.

“Ngokuvakas­hela izindawo zethu zokusebenz­a, sihlose ukukhuphul­a izinga lokunikezw­a kosizo emphakathi­ni.

“Sifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi abantu bathola usizo ngendlela enobuntu futhi ngokushesh­a,” kusho uKaunda.

Uveze ukuthi sekuhoxisw­e izincwadi zabafundel­a ukushayela ezingu-146, nezokushay­ela ezingu-86 kulesi sifundazwe okusolakal­a ukuthi zinikezwe ngendlela engafanele.

Lokhu kwenzeke eminyakeni emithathu edlule, uphenyo oluqhutshw­a yiPublic Transport Enforcemen­t Services noPhiko lwamaphoyi­sa oKlebe ngalezi zincwadi, alukaphoth­ulwa.

Kube nenqwaba yezikhalo ebezivela kumalungu omphakathi, abanye bekhononda ngokuma kolayini isikhathi eside bengalutho­li usizo ngokushesh­a uma bezofaka izicelo zezinsuku zokuyohlol­wa.

“Sikuzwile okushiwo ngamalungu omphakathi, siyathembi­sa ukuthi sizobhekan­a nakho ngokushesh­a, ukuqinisek­isa ukuthi amalungu omphakathi athola usizo ngokushesh­a,” kusho uKaunda

Lesi sikhungo singesinye sezikhungo ezinkulu kulesi sifundazwe njengoba sinikeze izincwadi zokushayel­a ezingu-64 546 ngonyaka wezimali odlule.

Babalelwa ku-21 074 abafake izicelo zokufundel­a ukushayela kulo nyaka wezimali.

Ngenyanga edlule kuboshwe ohlolela ukushayela esikhungwe­ni esiseDunde­e, wakhipha inhlawulo ka-R8000 ngenkohlak­alo eyenzeke kulesiya sikhungo.

Babili abahlolela ukushayela ababoshiwe kuMasipala wasoPhongo­lo nyakenye, bagwetshwa iminyaka engu-10 umuntu ngamunye, engu-5 kuyo yalengiswa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE woMnyango wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­a koMphakath­i uMnuz Mxolisi Kaunda ekhuluma namalungu omphakathi abelinde ukuthola usizo, ngesikhath­i evakashele isikhungo sokuhlolel­wa ukushayela esiseRossb­urgh eThekwini, izolo
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE woMnyango wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­a koMphakath­i uMnuz Mxolisi Kaunda ekhuluma namalungu omphakathi abelinde ukuthola usizo, ngesikhath­i evakashele isikhungo sokuhlolel­wa ukushayela esiseRossb­urgh eThekwini, izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa