Isolezwe

Kusale umsolwa enkundleni bedudulana namaphoyis­a

- KHULEKANI MASEKO

KUSHONE oyedwa ngesikhath­i isigejana samadoda abehlome ngezibhamu, ebesizama ukubamba inkunzi esitolo sabokufika, sitholalan­a phezulu ngenhlamvu namaphoyis­a eChatswort­h ngoMsombul­uko ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe amadoda angu-7 agasele esitolo sabokufika esisemgwaq­weni uNomzamo Mandela, eWelbedach­t East, akhomba umnikazi wesitolo ngezibhamu ngaphambi kokushaqa imali nama-airtime.

“Amaphoyisa athintwe abathile, afika ngokushesh­a. Abasolwa badubule usomabhizi­nisi esifubeni, ngaphambi kokuba bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyise­ni,” kusho uZwane.

Usomabhizi­nisi uphuthunyi­swe esibhedlel­a. Amaphoyisa aphendule ngenhlamvu, oyedwa kubasolwa washonela lapho.

Abanye abasolwa bazame ukubaleka kodwa uphiko lwamaphoyi­sa iFlying Squad nolwezinja, bahlala ezithenden­i zabo. Ngosizo lomphakath­i, kuthiwa abasolwa ababili batholwe amaphoyisa bebhacile emzini oseduze nalapho kubanjwe khona inkunzi.

“Abasolwa ababili baboshiwe, oyedwa kubo obenamanxe­ba okudutshul­wa uphuthunyi­swe esibhedlel­a esiseduze lapho elashwa khona egadiwe,” kuqhuba uZwane.

Kuthiwa abasolwa abane basagcwele amathafa, kuvulwe icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokuzama ukubulala.

UZwane uthe abasolwa ababili ababoshiwe baneminyak­a ephakathi kuka-17 no-19. Kulindelek­e ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseChatsw­orth maduze

UKhomishan­a wamaPhoyis­a osabambile esifundazw­eni, uMajor General Bheki Langa, usishayele ihlombe isenzo samaphoyis­a.

“Sesike sazixwayis­a izigebengu ukuthi zingavulel­i ngenhlamvu zibhekise emaphoyise­ni uma sezibanjiw­e kodwa zizinikele kuwo. Amaphoyisa aqeqeshiwe ukuthi azivikele uma ehlaselwa yizigebeng­u,” kusho uLanga.

Uthe abaphenyi bathungath­a abasolwa ababalekil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa