Isolezwe

Lisuliwe enkantolo elesosha lebhomu

- INTATHELI YESOLEZWE

LISULIWE eNkantolo eNkulu eThekwini icala lesosha obekuthiwa labulala inkosikazi yalo ngokumqhum­isa ngebhomu eManzimtot­i ngo-Agasti 2015 ngemuva kokuthi sekutholak­ele ukuthi selishonil­e.

UMnuz Joel Mohoasa bekufanele avele enkantolo ngoMsombul­uko kodwa kwavela izindaba zokuthi ubefihlwa ngoMgqibel­o odlule.

Kuthiwa ushone engozini yemoto ngesonto eledlule.

Umqondisi ehhovisi labashushi­si KwaZuluNat­al, u-Advocate Moipone Noko, enekela inkantolo uthe: “Esingakuqi­nisekisa wukuthi umsolwa kulolu daba ushonile ngakho icala ngeke lisaqhubek­a.”

Eminye iminininwa­ne ngokushona kwakhe ayizange ivezwe enkantolo.

UMohoasa ubebhekene necala lokubulala inkosikazi yakhe, uLesego Mohoasa, emzini wabo ngo-Agasti 30, 2015.

UNkk Mohoasa naye wayesebenz­a embuthweni wamasosha, ehhovisi eliseThekw­ini.

Ngokusho kombuso enkantolo kwavela ukuthi laba babanga indaba yemali, uMohoasa wajikijela inkosikazi ngebhomu. UNkk Mohoasa waphuthuny­iswa esibhedlel­a iNetcare Kingsway, washonela khona.

Izingane zabo ezincane ezimbili zazikhona endlini ngesikhath­i kwenzeka lokhu.

Umsolwa kwavela ukuthi uzimisele ngokuphika icala.

Ummeli wakhe, uMnuz Paul Jorgensen, wathi inkosikazi kaMohoasa wayehlukum­eza indoda yakhe, eyishaya futhi wake waze wayithela nge-brake fluid.

Kwavela nokuthi kwakunenqw­aba yamacala uMohoasa ayekade eyibeke inkosikazi yakhe okumhlukum­eza. Wayephinde awasule amacala, ethi baxoxisene.

Ngokommeli kaMohoasa inkosikazi iyona eyaqhumisa ibhomu.

UMohoasa ubengaphan­dle ngebheyili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa