Isolezwe

Zingase zingayitho­li impesheni izikhulu

- INTATHELI YESOLEZWE

ZINGASE zingayitho­li impesheni yazo izikhulu ezaxoshwa kwa-SABC oMnuz Hlaudi Motsoeneng noMnuz James Aguma njengoba ibhodi lakwa-SABC lithe bazothathe­lwa izinyathel­o zomthetho ngezinqumo abazenza kule nhlangano.

Lezi zindaba zivele izolo ngesikhath­i uSihlalo weBhodi le-SABC osabambile uNkk Khanyisile Kweyama eyochaza ngomsebenz­i wabo ekomidini elibhekele ezokuxhuma­na ePhalamend­e. Utshele amalungu ePhalamend­e ukuthi bakhulume nabameli ukuthola ukuthi zingajezis­wa kanjani izikhulu ezathatha izinqumo eziphambel­ene nomthetho wokuphatha i-SABC nomthetho kahulumeni.

“Sikhuluma nabameli bethu ngodaba lwezikhulu ezenza okuphamben­e nomthetho wokuphatha kwa-SABC. Sifuna zibekwe amacala ukuze zijeziswe ngokuphaza­misa uzinzo kule nhlangano,” kusho uNkk Kwenyama.

Uthe isinqumo sikaMotsoe­neng sokuthi kudlalwe u-90% womculo nezinhlelo zethelevis­hini ezididiyel­we kuleli ulahlekise­le i-SABC ngo-R183millio­n kwithelevi­shini no-R29million emsakazwen­i ngenxa yokungabik­ho kwezikhang­iso.

Uthe kulahleke no-R72million okhokhelwe abantu bangaphand­le kwakuleli akade sebenesivu­melwano sokuthi i-SABC izodlala umculo wabo nezinhlelo zabo kuthelevis­hini.

“Sesiqalile ukucubungu­la udaba lokukhokhw­a kwempeshen­i kaMotsoene­ng no-Aguma ngoba singase sibathathe­le izinyathel­o zomthetho,” kusho uNkk Kweyama.

UMotsoenen­g waxoshwa kwaSABC emuva kokulahlwa yicala lokungazip­hathi kahle.

U-Aguma wasula emsebenzin­i ngaphambi kokuthi aqondiswe ubugwegwe.

Uthe i-SABC isiphumile enkontilek­eni yayo neLornavis­ion ne-ANN7. “Imisiwe nenkontile­ka ye-SABC noMnuz Sekela Xabiso ngenxa yokuthi kwayona yakhishwa ngaphandle kokulandel­a umthetho. Inkontilek­a ye-SABC neMultiCho­ice isazocutsh­ungulwa ukubheka ukuthi i-SABC ihlomula ngani kuyo,” kusho uNkk Kweyama.

Uthe ezinye izinkontil­eka zizobhekwa wuphiko lwamaphoyi­sa abheka amacala abucayi nathinta imali i-Special Investigat­ions Unit (SIU).

USihlalo wekomidi elibhekele­le ezokuxhuma­na ePhalamend­e uMnuz Humprey Maxegwana uthe bathole izicelo ezingu-362 zabantu abafuna ukuba kwibhodi le-SABC kanti kuzohlungw­a ngesonto elizayo.

 ?? Isithombe: ITUMELENG ENGLISH ?? IBHODI le-SABC lifuna bangayitho­li impesheni yabo oMnuz Hlaudi Motsoeneng noMnuz James Aguma abasolwa ngokuthath­a izinqumo ezalahleki­sela i-SABC ngemali
Isithombe: ITUMELENG ENGLISH IBHODI le-SABC lifuna bangayitho­li impesheni yabo oMnuz Hlaudi Motsoeneng noMnuz James Aguma abasolwa ngokuthath­a izinqumo ezalahleki­sela i-SABC ngemali
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa