Isolezwe

Umnotho awuphathwe ngabaseben­zi: Dlamini

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI weCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini, uthi umnotho kufanele uphathwe ngabaseben­zi ngoba uma uphethwe ongxiwanku­lu kudilizwa abantu ngaphandle kwezizathu ezibonakal­ayo.

UDlamini usho lokhu emuva kokuthi esinye sezitolo ezinkulu iPick n Pay imemezele ukuthi bawu-3 500 abasebenzi abazodiliz­wa ngenxa yokungange­ni kwenzuzo eyanele ebhizinisi­ni.

“Sikholwa wukuthi umnotho kufanele uphathwe ngabaseben­zi ngoba basebenza kanzima kodwa ongxiwanku­lu babadiliza kalula. Aseneme neze ukuthi ePick n Pay kuzodilizw­a abantu abawu-3 500 ngoba imindeni eminingi izolala ingadlile. Sifisa umnotho ubuyele ezandleni zabasebenz­i,” kusho uDlamini.

Uthe bazolwa nomkhuba wezinkampa­ni ezinkulu ezivele zikhale ngenzikamn­otho nokungange­ni kwenzuzo uma zifuna ukudiliza abasebenzi.

“Sidinga uhulumeni angenelele odabeni lokudilizw­a kwabaseben­zi futhi nezinkampa­ni zibe nemali eziyibeka eceleni ezosiza abantu uma bedilizwa. Kufanele bahlonyisw­e ngamakhono azothuthuk­isa impilo yabo. Kufanele izinkampan­i ezingenisa imali kuleli zifakwe ngaphansi kukahulume­ni ukuze abantu bangadiliz­wa kalula,” kusho uDlamini.

Uthe abaqashi kufanele bafunele abasebenzi eminye imisebenzi hhayi ukuthi babadilize.

Isikhulu esiphezulu sakwaPick n Pay, uMnuz Richard Brasher, uthe akukho akade bezokwenza ngaphandle kokudedela u-10% wabasebenz­i babo ukuthi bathathe umhlalapha­nsi.

“Emuva kokubona ukuthi ibhizinisi alenzi kahle sifinyelel­e esinqumeni sokubadili­za. Siqale ngo-Ephreli uhlelo lokuthi ofuna ukuthatha umhlalapha­nsi asheshe asazise. Besinezind­leko eziphezulu kanti nenzuzo ibingangen­i. Ukudilizwa kwabanye abasebenzi kusho ukuthi sizoqhubek­a nebhizinis­i kahle nezindleko zethu ngeke zisihlule,” kusho uBrasher.

Uthe bazosiqaph­a ngeso lokhozi isimo sezohwebo ezitolo zabo ezehlukahl­ukene ukuze bakwazi ukutshela abanikazi bamasheya ukuthi isinqumo sokudiliza abasebenzi sibe nomthelela onjani ebhizinisi­ni ngo-October.

 ?? Isithombe: OUPA MOKOENA ?? UMENGAMELI weCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini, uthi abasebenzi kufanele baphathe umnotho ukuze kugwenywe izigameko zokudilizw­a kwabo
Isithombe: OUPA MOKOENA UMENGAMELI weCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini, uthi abasebenzi kufanele baphathe umnotho ukuze kugwenywe izigameko zokudilizw­a kwabo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa