Isolezwe

Isexwayiso sikaKganya­go ngomnotho

- BONISWA MOHALE NE-ANA

UMPHATHI weBhange loMbuso, uMnuz Lesetja Kganyago, uthe ngeke umnotho ukhule uma kungadalwa amathuba omsebenzi amasha futhi nohulumeni engezi nemithetho ecacile ezofukula izimayini nezolimo.

UKganyago ubekhuluma namalungu ekomiti lezeziMali ePhalamend­e izolo.

“Sisengcuph­eni yokungena kwinzikamn­otho uma uhulumeni eqhubeka nokungacac­isi ngemitheth­o ethinta ezolimo nezimayini. Uma abantu bengazi ukuthi kwenzekani emkhakheni othile baba manqika ukutshala imali. Lokhu kusho ukuthi umnotho wethu ngeke ukhule ngezinga esililinde­le,” kusho uKganyago.

Uthe uhulumeni kufanele eze nemithetho ecacile ukuze abatshaliz­imali bagqugquze­leke ukuthi bafake imali yabo emnothweni wakuleli.

Uzwakalise ukukhathaz­eka kwakhe ngeNingizi­mu Afrika neVenezuel­a okuyiwona kuphela amazwe abhekene nenzikamno­tho yize isimo somnotho sikhombisa ukuthuthuk­a kwamanye amazwe.

Ebuzwa yilungu le-EFF uMnuz Floyd Shivambu ukuthi ngabe iBhange loMbuso lizimele yini kwazise abanikazi bamasheya bahlala emazweni aphesheya kwezilwand­le, uKganyago uthe lizimele ibhange futhi abazophaza­misa lokho bazolwa nabo.

“IBhange loMbuso liphethwe nguhulumen­i wakuleli ngoba nguye othola u-90% wenzuzo eyenziwa yibhange. Lizimele futhi ozimisele ukuphazami­sa indlela elisebenza ngayo kumele alindele impi,” kusho uKganyago.

Uthe uzokwenza konke okusemandl­eni ukuthi amandla emali angabi phezulu ngoba kuhlukumez­eka abampofu uma sekubiza yonke into ezweni.

“Kungumsebe­nzi wami ukuqinisek­isa ukuthi amandla emali asesimeni esamukelek­ile. Imalimbole­ko akufanele imbe eqolo ngoba abampofu yibona abazwela kakhulu. Ngizolivik­ela nerandi kubantu abaganga ngalo. Kumele bajeziswe abasolwa ngokudlala ngalo ngoba uma kungenziwa lutho nabanye bazobona ukuthi kudlalelwa eNingizimu Afrika,” kusho uKganyago.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa