Iyakhula ingcindezi kuZuma ngolwe-SABC
IYAKHULA ingcindezi kuMengameli Jacob Zuma ukuthi asayine incwadi ezovumela uphiko oluphenya amacala abucayi iSpecial Investigation Unit ukuthi ivumbulule konke okwaholela ekutheni i-SABC ikhiphe izinkontileka eziyisikhombisa ngaphansi kobuholi bukaMnuz Hlaudi Motsoeneng.
Izolo amalungu ePhalamende athe afuna ukwazi ukuthi kungani uMengameli engakayisayini le ncwadi kanti elinye ilungu le-ANC lithe nePhini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa noSomlomo wePhalamende uNkk Baleka Mbete kufanele balekelele ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Lezi zindaba zivele ngesikhathi ibhodi lesikhashana le-SABC liyochazela ikomidi elibhekelele ezokuxhumana ePhalamende ngomsebenzi eseliwenzile.
USihlalo weBhodi uNkk Khanyisile Kweyama uthe ezinye izinkontileka azikakaphenywa ngenxa yokuthi kufanele i-SIU inikwe imvume yokuziphenya nguMengameli.
UMnuz Mziwamadoda Kalako oyilungu le-ANC ePhalamende uthe i-SIU kufanele iqhubekele phambili nomsebenzi wayo ukuze kujeziswe abathintekayo odabeni lwaka-SABC.
UMnuz Steve Swart we-ACDP uthe kubi ukuthi i-SIU kumele ilinde izinyanga ezithathu ngaphambi kokuthi iphenye ngenxa yokuthi abantu abanamandla abasayini.
UMnuz Mbuyiseni Ndlozi we-EFF usole uMengameli Jacob Zuma ngokuphazamisa uzinzo e-SABC njengoba engafuni ukusayina.
UNksz Phumzile van Damme weDA uthe uzobhalela uMengameli incwadi amnxuse ukuthi asayine.UNkk Sisisi Tolashe we-ANC uthe uma kunenkinga kufanele iPhini likaMengameli lisayine ngoba akumele kulindwe izinyanga ezintathu odabeni lokuphenya izinkontileka zakwa-SABC.