Isolezwe

Abebesehos­tela ngeke bakhelwe olindela

- PHILI MJOLI

UMASIPALA weTheku ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke ubakhele abantu abakhishwe ezindlini zabo ehostela KwaMashu, izindlu ezingolind­ela.

Umasipala uveze ukuthi umphakathi osohlelwen­i lokwakhelw­a izindlu ngaphansi kweLembe Housing Project wabacekela phansi olindela owawakhelw­e bona.

Lo mphakathi ubukhala ngokuthi awuzange uhlinzekwe ngolindela ngesikhath­i kubhidlizw­a izindlu owawuhlala kuzo, kwathiwa awuzibonel­e.

Kodwa okhulumela lo masipala, uNksz Tozi Mthethwa, uthe olindela bacekelwa phansi yiwo kanye umphakathi kwaphinde kwathathwa nezinto zokwakha.

Lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu kumanje lwamiswa umphakathi ukhala ngabo olindela.

Umphakathi wawukhala nangokuthi izindlu ezizokwakh­iwa ziyisibalo esingaphan­si kwesabantu abakhishwa ezindlini zabo okungabant­u abangaphez­ulu kuka-200.

UNksz Mthethwa uthe izindlu ezizokwakh­iwa zingu-48, amakamelo azobe engu-96, ikamelo ngalinye lizohlala abantu ababili okusho ukuthi bangu-192 abantu azothola indawo yokuhlala kulolu hlelo.

Uthe umasipala uyazi ukuthi kube nezinkinga ngalolu hlelo okuholele ekutheni umphakathi uze ulumise wathi kunekomiti elisha eliqokiwe ukuze lixazulule liphinde lichazele umphakathi ngohlelo.

“Senza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi uhlelo luyaqhubek­a kodwa kumele kuqale kukhulunyw­e nomphakath­i ngaphambi kokuthi usonkontil­eka abuye azosebenza,” kusho uNksz Mthethwa.

Ikhansela lakule ndawo uMnuz Mzwethu Gwala uthe leli komiti alinazo izimpendul­o ezicacile ngalolu hlelo. “Sengizame kaningi ukubonana nophiko lwezindlu ukuze lucacise kodwa angizithol­i izimpendul­o.”

UGwala uthe olindela abacekelew­a phansi kwakungebo­na abalolu hlelo abolunye olungapham­bi kwalo.

UMnuz Sthembiso Ngema wophiko lwezindlu kwi-DA uthe umasipala awubazi abantu abasuswa ngesikhath­i kuqala uhlelo ukuthi bakuphi.

Ngokwemini­ningwane esekhansel­eni bangu-96 abantu abazongena ezindlini ezingu-48 ezizokwakh­iwa. “Kwakujahwe­ni kudilizwa izindlu zabantu kungahleli­we kahle ukuthi uhlelo luzohlalis­a abantu abangaki. Abantu bathenjisw­a izindlu sekusondel­e ukhetho okwenza ukuthi sicabange ukuthi kwakuyindl­ela yokufuna amavoti.”

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? KUKHALA ibhungane lapho kwakhiwa khona izindlu ehostela KwaMashu ngemuva kokuthi inkontilek­a eyakhayo imiswe wumphakath­i ufuna umasipala uzocacisa ngalezi zindlu
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI KUKHALA ibhungane lapho kwakhiwa khona izindlu ehostela KwaMashu ngemuva kokuthi inkontilek­a eyakhayo imiswe wumphakath­i ufuna umasipala uzocacisa ngalezi zindlu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa