Isolezwe

Kuboshwe omashonisa abangu-11

- INTATHELI YESOLEZWE

ZIBAKHALEL­E omashonisa abangu-11 abasolwa ngokucuthe­la abantu abahola impesheni babaqole imali.

Esitatimen­deni esithunyel­we yinhloko yezokuxhum­ana kwaSASSA kuleli, uMnuz Paseka Letsatsi, kuvela ukuthi laba basolwa baboshwe, eNigel, eGoli, izolo ekuseni. Kuboshwe abesifazan­e abathathu namadoda ayisikhomb­isa abaneminya­ka ephakathi kwengu-30 no-50.

Kuthiwa laba baboshwe ngokwehluk­ana eduze kwemishini yokukhipha imali nasezitolo.

ULetsatsi uthe abasolwa batholwe nemali eningi, amakhadi akwaSASSA angaphezu kuka-900 ahambisana nezinombol­o zawo eziyimfihl­o.

Laba baphinde batholwa nezibhamu ezimbili ezisazohlo­lwa ngamaphoyi­sa ukuthi zisemtheth­weni yini.

Abanye abasolwa kuthiwa bakwazile ukubaleka ngezimoto ezine kodwa amaphoyisa asezithend­eni zabo.

Kulo mkhankaso wamaphoyis­a akwaSAPS nonogada bakwaSASSA kuphinde kwashaqwa nemoto kanokusho ebisetshen­ziswa ngabasolwa.

Kuthiwa abasolwa bebeboleki­sa ngemali kwabahola impesheni bese bethatha amakhadi abo okuhola nezinombol­o zemfihlo.

Lokhu kuthiwa bekusho ukuthi njalo ngenyanga umuntu ubezolanda imali yakhe yomholo kumashonis­a ngemuva kokuthi sekubanjwe imali umashonisa athi uyayikwele­twa.

ULetsatsi uthe obekwenziw­a yalaba basolwa kuphambene nomthetho iNational Credit yango2005.

Uveze ukuthi umashonisa ubeboleka umuntu ohola impesheni imali ngaphandle kokuthi abheke ukuthi uyakwazi yini ukuyibuyis­a nokugcina kwenza ukuthi abantu babe sezikwelet­ini.

AbakwaSASS­A bashayele ihlombe ithimba elibophe abasolwa.

“Siyabaxway­isa abantu abahola impesheni ukuthi bangawaseb­enzisi amakhadi abo ukutshelek­a imali ngoba akukho amthethwen­i,” kusho uLetsatsi.

Abantu bayanxusa ukuthi bathinte amaphoyisa noma bashayele inombolo yakwaSASSA ethi 0800 60 1011 ukuze babike ukubolekis­wa ngokungemt­hetho kwemali.

“Sizoqhubek­a nokubopha abasolwa kuzwelonke kuze kube bonke bayavalelw­a,” kusho uLetsatsi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa