Isizoba yinye inombolo
IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede ithi sekuzoba nenombolo eyodwa yokufaka izikhalo zabantu kulo masipala ukuze kugwemeke ukungaxazululwa kwezinkinga.
“Sifuna abantu basheshe basizakale uma bephelelwe amanzi, wugesi noma benezinye izinkinga. Sizokuqeda ukuthi abantu bashayele ophikweni lwakagesi noma owalamanzi uma benenkinga ngoba sifuna kube nesikhungo esisodwa esibhekelele izinkinga zezakhamizi zaseThekwini,” kusho uNkk Gumede.
Uthe le nombolo izokwethulwa maduze futhi abasebenzi bazoqeqeshwa kabusha ukuze bakwazi ukufaka izikhalo ezinhlakeni ezifanele. Uphinde waveza ukuthi njengoba iNingizimu Afrika ibe nenkinga yesomiso iTheku lizoqinisekisa ukuthi abantu banamanzi enele kule minyaka ezayo.
UNkk Gumede ubekhuluma emhlanganweni wesigungu somkhandlu weTheku obungoMsombuluko.
IPhini leMenenja kaMasipala kwezokuhweba, uMnuz Philemon Mashoko, lithe banohlelo lokonga amanzi lweminyaka engu-10 ezayo.
Lithe babaqaphe ngeso lokhozi abantshontsha amanzi futhi bazofaka amamitha asemthethweni kuyo yonke imizi eThekwini. Liveze ukuthi wonke amanzi avuzayo basheshe bawavale kanti bazokonga u-R229 million.
Lithe sebefake izinciphisamanzi ezingu-68 000 eThekwini ukulwa nesomiso.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi amanzi ahlala ekhona eThekwini. Siyawalungisa amapayipi avuzayo futhi sifaka nezinciphisamanzi ezindaweni ezihlukene,” kusho uMashoko.