Ukuthandiswa kozithwele: ucwaningo alubeki kucace
KUJWAYELEKILE ukuthi okhulelwe ashintshe indlela yokudla kodwa kuyedlulela uma kukhona akuthandiswayo. Ukuthandiswa izidlo ezithize kuvame ukudla lubi kowesifazane okhulelwe, okuba khona nokunye akudubayo ngenxa yokungezwani nakho. Abakhulelwe bathandiswa izinto ezingafani kodwa ongoti bathi kujwayelekile ukuthi kube yizicofucofu ezingenampilo. Lokhu kuba nomthelela ekutheni akhuluphale kakhulu.
Umdlali weTennis waseUnited States of America uSerena Williams, usanda kuphumela obala ngokukhulelwa kwakhe esiteshini sezindaba i-E! News. Uthe kumphatha kabi ukuthi akathandiswa lutho. USerena (35), ozoba nengane yokuqala nonyaka, uthe usaqhubeka nokudla okunempilo njengoba ebenza engakhulelwe.
“Ngiphoxekile ukuthi akukho engikuthandiswayo njengabanye abakhulelwe. Kodwa ngibuye ngizitshele ukuthi ukube ngiyathandiswa bengizoba nesikhathi esinzima ekukhulelweni kwami. Okuxakayo wukuthi sengidla okunempilo kakhulu kunakuqala okuyinto engajwayelekile. Ngidla kakhulu imifino eluhlaza, ufishi nezinhlobo zamakinati,” kusho yena.
UNksz Thobile Biyela (37), uthe wayengayilokothi inyama ebomvu ekhulelwe, okwamqala engakazi nokuthi ukhulelwe.
“Ngaqala ngicabanga ukuthi nginenyongo ngoba inhliziyo yayiba ncane kuthi angibuyise uma ngizwa iphunga lenyama. Ngize ngathola kudokotela ukuthi ngikhulelwe, ngabona ukuthi yisona sizathu sokuzonda inyama,” kusho uNksz Biyela.
Uthe ubethandiswa ukudla okubabayo, ikakhulukazi inkukhu ethosiwe.
“Ekhaya bese kwaziwa ukuthi uma kukhona oya edolobheni kumele angiphathele. Ngigcine sengihlala ngiyibekelwe ekamelweni lami ngoba uma sekusuke ukuhala, bengiwafuna manje amaphiko enkukhu ababayo.”
Ucwaningo olwenziwe nguDkt Andrei Rebarber onguMqondiisi weMaternal-fetal medicine, luveza ukuthi asikho isizathu esiqondile esenza abakhulelwe bathandiswe ukudla.
“Kwesinye isikhathi umuntu uthandiswa okuthize ngaleso sikhathi uma kuyisidlo esidingwa umzimba wakhe. Uma ehalela izithelo yingoba umzimba usuke ushoda ngazo.”
UNksz Elizabeth Somer, ongumbhali wencwadi iNutrition for a Healthy Pregnancy, uthi ukushintsha komzimba namahormone kowesifazane okhulelwe yikona okudala ukuthandiswa.
“Ukushintsha komzimba wakhe kuhambisana nokushintsha kwemizwa yakhe yokunambitha neyokuhogela. Omunye uthandiswa ukuhogela iphunga elithize, kwesinye isikhathi kungelona nelokudla,” kusho uNksz Somer.
Abakhulelwe bavame ukuzifela ngezinoshukela nezinosawoti.