Isolezwe

Ngidumele ngokwenziw­e yinkampani yakwa-Intercape

-

MHLELI: Mhla ka-5 Julayi 2017 ingane yami yayiya eMalawi kwathi uma ifika emngceleni waseNingiz­imu Afrika naseZimbab­we yalandela yonke imigomo yaseMessin­a. Babheka i-passport yakhe wayogibela ibhasi lakwa-Intercape. Kwakukhona oyedwa owayeseben­za e-migration wangena ebhasini.

Kuthe uma befika eBeitbridg­e bathola ukuthi isitembu asigxivizi­we babe sebeyamthu­ma ke ukuba ayogxiviza bese eyabuya agxivize nesaseZimb­abwe.

Ngaphambi kokuba ayogxiviza watshela umshayeli ukuthi akamlinde ibhasi ingaqale isuke kodwa kuthe lapho ebuya wafika ibhasi isihambile. Kwaphoqele­ka ukuthi umntwana alale phandle esitolo thizeni esasiseduz­e nesiteshi. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka uMsamariya olungileyo owasiza ingane yaya esiteshini samaphoyis­a yabika udaba lwayo yakwazi noku-charger ifoni yayo eyabe isicishile.

Kuthe kusa mina ngapha eThekwini nganikela emahhovisi akhona kwaInterca­pe ngalubika udaba kodwa impendulo abanginika yona yathi ibhasi yokugcina isigcwele ngakho kuzophoqa ukuba aphinde alale la engazi khona uyoze athole elinye ibhasi mhla ka-7 Julayi.

Ngababuzis­isa kahle ukuthi baqonde ukungitshe­la ukuthi umntwana wami uzophinde abulawe amakhaza nendlala bathi ayikho nabo into abangayenz­a ngoba abakwazi ukulayisha ibhasi ngokweqile.

Kuthe noma selifika elinye ibhasi ngomhla ka-7 nakhona bakhala ngokugcwal­a kwasiza amaphoyisa ancenga baze bamthathe ke. Ibhasi ayesuke ngalo lana eThekwini lashiya izimpahla zakhe eMalawi(eLilongwe) wafika khona zingasaphe­lele.

Kafishane nje ngiphoxeki­le ngempatho umntwana wami ayithole enkampanin­i yamabhasi akwa-Intercape. Kungicacel­e bha ukuthi abagibeli kule nkampani ababalulek­ile kodwa into ebalulekil­e yisikhathi njengoba bamshiya umntanami ngenxa nje yokuthi wayesayofu­na isigxivizo.

Umshayeli wasithatha­phi isibindi sokususa ibhasi ebe azi kahle ukuthi kunomgibel­i osasukile esiteshini? Angigcini ngokusola abakwaInte­rcape bodwa kodwa nabakwa-migration njengoba bengakwaza­nga ukuhlolisi­sa i-passport ngaphambi kokuthi ibhasi isuke. Kufanele uhulumeni ayisukumel­e le nto yalezi zinkampani ezijaha imali nesikhathi zikhohlwe abagibeli.

Ngiyakholw­a futhi wukuthi baningi abahlangab­ezana nenkinga efana nalena yikona ukuthi abazazi izinhlaka ezifanele abangazith­inta ukuze babeke izimvo zabo. Umntwana wami kwaphoqa ukuba alale esibhedlel­a ngenxa yamakhaza angena kuyena ngaphakath­i mhla ibhasi imdaxaza eBeitbridg­e. Robert UMLAZA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa