Ngidumele ngokwenziwe yinkampani yakwa-Intercape
MHLELI: Mhla ka-5 Julayi 2017 ingane yami yayiya eMalawi kwathi uma ifika emngceleni waseNingizimu Afrika naseZimbabwe yalandela yonke imigomo yaseMessina. Babheka i-passport yakhe wayogibela ibhasi lakwa-Intercape. Kwakukhona oyedwa owayesebenza e-migration wangena ebhasini.
Kuthe uma befika eBeitbridge bathola ukuthi isitembu asigxiviziwe babe sebeyamthuma ke ukuba ayogxiviza bese eyabuya agxivize nesaseZimbabwe.
Ngaphambi kokuba ayogxiviza watshela umshayeli ukuthi akamlinde ibhasi ingaqale isuke kodwa kuthe lapho ebuya wafika ibhasi isihambile. Kwaphoqeleka ukuthi umntwana alale phandle esitolo thizeni esasiseduze nesiteshi. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka uMsamariya olungileyo owasiza ingane yaya esiteshini samaphoyisa yabika udaba lwayo yakwazi noku-charger ifoni yayo eyabe isicishile.
Kuthe kusa mina ngapha eThekwini nganikela emahhovisi akhona kwaIntercape ngalubika udaba kodwa impendulo abanginika yona yathi ibhasi yokugcina isigcwele ngakho kuzophoqa ukuba aphinde alale la engazi khona uyoze athole elinye ibhasi mhla ka-7 Julayi.
Ngababuzisisa kahle ukuthi baqonde ukungitshela ukuthi umntwana wami uzophinde abulawe amakhaza nendlala bathi ayikho nabo into abangayenza ngoba abakwazi ukulayisha ibhasi ngokweqile.
Kuthe noma selifika elinye ibhasi ngomhla ka-7 nakhona bakhala ngokugcwala kwasiza amaphoyisa ancenga baze bamthathe ke. Ibhasi ayesuke ngalo lana eThekwini lashiya izimpahla zakhe eMalawi(eLilongwe) wafika khona zingasaphelele.
Kafishane nje ngiphoxekile ngempatho umntwana wami ayithole enkampanini yamabhasi akwa-Intercape. Kungicacele bha ukuthi abagibeli kule nkampani ababalulekile kodwa into ebalulekile yisikhathi njengoba bamshiya umntanami ngenxa nje yokuthi wayesayofuna isigxivizo.
Umshayeli wasithathaphi isibindi sokususa ibhasi ebe azi kahle ukuthi kunomgibeli osasukile esiteshini? Angigcini ngokusola abakwaIntercape bodwa kodwa nabakwa-migration njengoba bengakwazanga ukuhlolisisa i-passport ngaphambi kokuthi ibhasi isuke. Kufanele uhulumeni ayisukumele le nto yalezi zinkampani ezijaha imali nesikhathi zikhohlwe abagibeli.
Ngiyakholwa futhi wukuthi baningi abahlangabezana nenkinga efana nalena yikona ukuthi abazazi izinhlaka ezifanele abangazithinta ukuze babeke izimvo zabo. Umntwana wami kwaphoqa ukuba alale esibhedlela ngenxa yamakhaza angena kuyena ngaphakathi mhla ibhasi imdaxaza eBeitbridge. Robert UMLAZA