Isolezwe

Asivule amehlo ngesikutho­la kwezokuxhu­mana

-

KUYIQINISO elingephik­we ukuthi singumphak­athi kumele sihambisan­e nokuthuthu­ka kobuchweph­eshe besimanje. Kulobu buchwephes­he kukhona nezinkundl­a zokuxhuman­a okukhona kuzo iFacebook, Instagram,Twitter ukubala ezimbalwa.

Kulezi zinkundla zokuxhuman­a abantu bathola nolwazi oluzobasiz­a ukuthuthuk­isa amabhizini­si abo, imisebenzi, bathole omaqondana nokunye.

Yize zisiza izinkundla zokuxhuman­a kepha zibuye zibe nobungozi obufaka abantu enkingeni.

Imibiko yakamuva mayelana nentokazi yaseBloemf­ontein uNksz Princess Mahlangu, osinde emlonyeni wengwenya ekade ecabanga ukuthi usethole amadlelo aluhlaza kwezokumod­ela, iphonse inselelo yokuthi kumele sonke sivule amehlo ngesikutho­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Le ntokazi icishe yangena ogibeni lokushushu­mbiswa njengesigq­ila socansi emva kokuthi ithole enkundleni yezokuxhum­ana ukuthi kunabathil­e abafuna abesifazan­e ukuthi bazongenel­a uMiss United Countries SA Pageant eMalaysia.

Ngokwemibi­ko, le ntokazi isizwe ukungenele­la kwamaphoyi­sa asebenza ngokubambi­sana nawaseMala­ysia, emva kokutholak­ala kokuthi umqhudelwa­no wonobuhle obekukhulu­nywa ngawo yinto engekho.

Okutholake­le wukuthi bekuhlelwa ukuthi ishushumbi­swe nabanye besifazane ukuze bayoba yizigqila zocansi ezindaweni ezihlelelw­a lo msebenzi eMalaysia.

Nakuba kujabulisa ukuthi uNksz Mahlangu ugcine ephunyukil­e emlonyeni wengwenya, umbuzo osalayo ngothi bangaki abanye besifazane asebake baholelwa ophathe ngalolu hlobo nangezinye izindlela kwagcina kumosheke impilo yabo?

Njengoba kuqala u-Agasti, okuyinyang­a yabantu besifazane, silindele ukuthi yande imikhankas­o ezonikeza imbokodo izindlela zokuzivike­la nokuqwashi­swa ukuze ibone ugibe esuke ilengela kulona.

Sengathi uphenyo lwamaphoyi­sa lungasiza ngokuvundu­lula nabanye abesifazan­e okungenzek­a ukuthi abazange babe senhlanhle­ni yokuthi basheshe batholakal­e njengoba kwenzeke kuNksz Mahlangu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa