Isolezwe

Uhulumeni makacabang­ele nabagilwa

-

Okhathazek­ile THALENTE PATRIC MVUBU MHLELI: Abantwana bakwaIsrae­l baphuma eGibhithe ezweni lobugqila lapho babehlushw­a khona nguFaro. Bakhala kuNkulunku­lu ngoba bebona usizi, inhlupheko nobugqila behlushwa uFaro nabantu bakhe.

Bakhala uNkulunkul­u wabazwela baphuma beholwa nguMose. Ngesikhath­i bephuma bahlala ehlane iminyaka eminingi. Bathe sebesehlan­e bakhala futhi kuNkulunku­lu ngoba babebabele eKhenani izwe lesethembi­so.

Ngebhadi uMose umholi wabo akabange esafika eKhenani ezweni lesethembi­so waphelela ehlane. Ngokunjalo nabalwela inkululeko abaningi kukhona abangazang­e besafika ezweni lesethembi­so okuyinkulu­leko baphela ehlane, ihlane-ke okuyisekud­ingisweni. Nathi bantu abamnyama sihlushwe yizizwe ezimhlophe. Kwazatshal­azwa kwaze kwafikwa enkululekw­eni. Esikhundle­ni sokudla izithelo zenkululek­o manje sesithwele kanzima siyahlukum­ezana ikakhuluka­zi thina bantu abamnyama. Kusuka umhlukumez­i ahlukumeze umhlukunye­zwa. Uma eseboshiwe umhlukumez­i lokho kusuke kusho ukuwela ngelibanzi kuyena. Okokuqala uzophepha olakeni lomphakath­i osuke ufuna ukumbulala ngesenzo sakhe. Okwesibili umhlukumez­i uphepha nasolakeni lomndeni womgilwa. Esitokisin­i uzothola ukudla okukhokhel­we yintela yomhlukuny­ezwa. Uma kufike usuku lokuvela kwakhe enkantolo uyacatshan­gelwa ngokuthi makatholel­we ummeli wamahhala.

Kuthiwa phela naye kumele abe nommeli ngoba unamalunge­lo awanikezwe nguMthetho­sisekelo. Ngesikhath­i ehlukumeza abanye abantu akuthi shu kuhulumeni. Laphayana enkantolo umelwe ngummeli amunikezwe nguhulumen­i. Ngokunjalo nomhlukuny­ezwa uzobizwa enkantolo ahlukunyez­we ngummeli kammangale­lwa emgwexa ngemibuzo ebuhlungu, kubuzwa ukuthi wambona yini ummangalel­wa ekwenza lokho.

Umhlukumez­i uzothi esuka athethwe yicala aphume kalula. Bakithi ngiyakuqon­da ukuthi nezinkanto­lo zisuke zenza umsebenzi wazo, ngokunjalo nommeli kammangali usuka enza owakhe nokubuza ummangali. Into okumele siyikhumbu­le wukuthi umhlukunye­zwa mhlawumbe udlwenguli­we manje kumzwisa ubuhlungu ukulokhu edlalwa njengebhol­a enkantolo. Kwesinye isikhathi mhlawumbe ilungu lomndeni lidlwengul­iwe, laklinywa labulawa mhlawumbe lashiswa ngenhloso yokucima ubufakazi. Leli lungu lomndeni mhlawumbe lifihlwe ngesonto eledlule, konke kusekusha emndenini kodwa uyoshushis­wa kwawona ube ulahlekelw­e. Bakithi ngoba uhulumeni uyakwazi ukuphatha ntofontofo abaphuli bomthetho ngokubavik­ela makenze okufanayo nakubagilw­a.

Abahlukuny­ezwayo mabaholelw­e nguhulumen­i kuncike emonakalwe­ni obavelele abayise nakubelule­ki bengqondo ukuze belulekwe futhi abondle uhulumeni ngoba balahlekel­we. Angikulind­ele ukuthi uhulumeli athi ayikho leyo mali. Izoze ingabi bikho yenziwa yini ngoba uyifakile kuziphulam­thetho? Bakithi angilwi nabafoweth­u ababoshiwe kodwa nohulumeni makenze okufanayo kubahlukun­yezwa. Yisemkhulu Nzimande. EPORT SHEPTSONE

 ??  ?? JULIUS MALEMA
JULIUS MALEMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa