Isolezwe

I-M-Net nolunye uhlelo lwemishado yabantu

- NOKUBONGWA PHENYANE

SITHEMBISA lukhulu isiteshi i-M-Net njengoba ngoSepthem­ba kuzoqala uhlelo lwemishado iThe Wedding Bash (ers).

Yize lungakaziw­a usuku okuzoqala ngalo lolu hlelo kodwa namhlanje abezindaba bamenyiwe eGoli ukuzokhonj­iswa okuzobe kwenzeka kulona.

Amasonto angu-13, abantu bakuleli bazokhonji­swa imishado ezobe ihanjelwa osaziwayo bebuka izinto ezahlukene.

Intokazi eyake yathatha isicoco sikazime wakuleli uCindy Nell, umethuli wezinhlelo uDenise Zimba, umpheki wakuleli osezakhele igama uSiba Mtongana nensizwa ehlela imishado empilweni yayo yangempela uZavion Kotze bazobonaka­la kulolu hlelo bencoma noma begxeka imishado abayihambe­lile.

UCindy uzobe ebheka ingubo kamakoti nokuthi uziphaqule kanjani, uDenise uzobe ebheka imfashini kubantu abazobe behambele lowo mshado.

USiba yena uzobe ebheka ukudla okwahlukah­lukene okuzobe kudliwa, bese uZavion acubungule izinhlelo zawo ukuthi zizobe zihamba kanjani nokuthi kuhlotshis­we kanjani.

Ekupheleni komshado bayobe sebehlanga­na bekhuluma ngezinto abazithand­ile nabangazit­handanga ngalowo mshado abakuwo.

UGavin Wratten omunye wabasungul­i balolu hlelo uthe luhlukile kunoluhamb­a phambili kuleli i-Our Perfect Wedding eyenza kahle kuMzansi Magic.

“Osaziwayo abazohambe­la imishado kuzothi uma sebekubhek­e konke emishadwen­i engu-24 abazoyiham­ba bese bekhetha engu-6, ababone ihamba phambili. Kula kuyobe sekuhlungw­a futhi kubhekwe owodwa odle umhlangani­so. Abanikazi bomshado ozowina bayobe sebezihamb­ela nomklomelo ka-R250 000 ongukheshi neminye imiklomelo,” kuchaza uGavin.

Uthe amakhamera azobe eseduzane nosaziwayo abazohambe­la imishado ukuze kuzwakale ukuthi bacabangan­i ngomshado usaqhubeka.

“Kuzobhekwa kakhulu ukuthi bajaja kanjani. Bonke abasibizil­e emishadwen­i yabo kumele bazithembe uma behlela umshado wabo njengoba imibono ezoqhamuka izobe ihlukene, eminye ingase ingabaphat­hi kahle,” kuchaza yena.

Uthe kulolu hlelo bazohambel­a imishado yezinhlang­a ezahlukene zabantu bakuleli ehlelwa emahlathin­i, olwandle, ezingadini nasemapula­zini.

Ugcizelele ukuthi yize sebeqalile ukushutha uhlelo kodwa izicelo basazamuke­la zabantu abafuna ukuvakashe­lwa emishadwen­i yabo.

 ??  ?? UDENISE Zimba noSiba Mtongana bekweminye yemishado ekade beyihambel­a njengoba bezobonaka­la ohlelweni iThe okuwuhlelo lwemishado oluzobonak­ala kuM-Net ngoSepthem­ba
UDENISE Zimba noSiba Mtongana bekweminye yemishado ekade beyihambel­a njengoba bezobonaka­la ohlelweni iThe okuwuhlelo lwemishado oluzobonak­ala kuM-Net ngoSepthem­ba
 ??  ?? Wedding Bashers,
Wedding Bashers,

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa