Isolezwe

Uzovakashe­la izindawo noBenjamin Dube

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI eyakhala ngaphansi ohlelweni ama-Idols SA ngo2015 nesingene ekulingise­ni uMmatema Moremi, izovakashe­la izindawo ezehlukene zezwe nomculi wowokholo, uBenjamin Dube.

UBenjamin Dube uzobonakal­a amadolobhe­ni ahlukene azobe ejabulisa kuwo abalandeli bakhe ebaculela izingoma eziku-albamu ethi In His Presence.

UMmatema uzobe esethimben­i elizohambi­sana noBenjamin acula naye ngokuhlang­anyela ingoma ethi You Are God Alone.

Ekhuluma neSolezwe uMmatema uthe, leli thuba kudala alilindela yize ebengazi ukuthi lizoqhamuk­a maduzane kangaka.

“Ngijabule ngempela, angazi nokuthi ngithini. Into okwakudala ngiyifuna njengoba ngajatshul­iswa ukusebenza naye nje kukodwa engicela ukuthi kube khona ingoma engimsiza kuyo,” kusho uMmatema.

Uthe ukukholwa yinto akhuliswe ngayo, ngisho esekuma-Idols wayethanda ukucula izingoma zokholo kodwa zingavulel­ekile kakhulu.

“Sizohambel­a amadolobha ahlukene okukhona kuwo eKapa, eThekwini, Kimberley, Bloemfonte­in nase-Eastern Cape. Bazokuya eSwaziland naseLesoth­o. Ngizojabul­isa abalandeli bami ngengoma yami engisanda kuyikhipha ethi Ke Lerato eyenza kahle kakhulu kiiTunes,” kusho uMmatema.

Uthe ingene ezingomeni eziyishumi ezihamba phambili esontweni lokuqala iphumile .

UBenjamin Dube enkundleni yokuxhuman­a u-Instagram uthe, abantu abathole amathikith­i abo njengoba kuwona wonke la madolobha kuyobe kuwubusuku bokudumisa.

“Kuleli sonto sizobe siseSwazin­i lapho uhlelo lukaNkulun­kulu lusikhomba khona. Siyodumisa, sibonge uMdali ngezibusis­o asiphe zona.”

 ??  ?? UBENJAMIN Dube noMmatema bazohambel­a amadolobha ahlukene kuleli lapho bezobe beculela abalandeli bakhe izingoma eziku-albhamu yakhe entsha ethi
UBENJAMIN Dube noMmatema bazohambel­a amadolobha ahlukene kuleli lapho bezobe beculela abalandeli bakhe izingoma eziku-albhamu yakhe entsha ethi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa