Abebesehostela ngeke bakhelwe olindela
UMASIPALA weTheku ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke ubakhele abantu abakhishwe ezindlini zabo ehostela KwaMashu, izindlu ezingolindela.
Umasipala uveze ukuthi umphakathi osohlelweni lokwakhelwa izindlu ngaphansi kweLembe Housing Project wabacekela phansi olindela owawakhelwe bona.
Lo mphakathi ubukhala ngokuthi awuzange uhlinzekwe ngolindela ngesikhathi kubhidlizwa izindlu owawuhlala kuzo, kwathiwa awuzibonele.
Kodwa okhulumela lo masipala, uNksz Tozi Mthethwa, uthe olindela bacekelwa phansi yiwo kanye umphakathi kwaphinde kwathathwa nezinto zokwakha.
Lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu kumanje lwamiswa umphakathi ukhala ngabo olindela.
Umphakathi wawukhala nangokuthi izindlu ezizokwakhiwa ziyisibalo esingaphansi kwesabantu abakhishwa ezindlini zabo okungabantu abangaphezulu kuka-200.
UNksz Mthethwa uthe izindlu ezizokwakhiwa zingu-48, amakamelo azobe engu-96, ikamelo ngalinye lizohlala abantu ababili okusho ukuthi bangu-192 abantu azothola indawo yokuhlala kulolu hlelo.
Uthe umasipala uyazi ukuthi kube nezinkinga ngalolu hlelo okuholele ekutheni umphakathi uze ulumise wathi kunekomiti elisha eliqokiwe ukuze lixazulule liphinde lichazele umphakathi ngohlelo.
“Senza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi uhlelo luyaqhubeka kodwa kumele kuqale kukhulunywe nomphakathi ngaphambi kokuthi usonkontileka abuye azosebenza,” kusho uNksz Mthethwa.
Ikhansela lakule ndawo uMnuz Mzwethu Gwala uthe leli komiti alinazo izimpendulo ezicacile ngalolu hlelo. “Sengizame kaningi ukubonana nophiko lwezindlu ukuze lucacise kodwa angizitholi izimpendulo.”
UGwala uthe olindela abacekelewa phansi kwakungebona abalolu hlelo abolunye olungaphambi kwalo.
UMnuz Sthembiso Ngema wophiko lwezindlu kwi-DA uthe umasipala awubazi abantu abasuswa ngesikhathi kuqala uhlelo ukuthi bakuphi.
Ngokwemininingwane esekhanseleni bangu-96 abantu abazongena ezindlini ezingu-48 ezizokwakhiwa. “Kwakujahweni kudilizwa izindlu zabantu kungahleliwe kahle ukuthi uhlelo luzohlalisa abantu abangaki. Abantu bathenjiswa izindlu sekusondele ukhetho okwenza ukuthi sicabange ukuthi kwakuyindlela yokufuna amavoti.”