Zehlile izingane ezishona zingakazalwa
SEHLE ngo-6.8% phakathi kuka2014 no-2015 isibalo sezingane ezishone zingakazalwa nezishone emuva kwesonto zizelwe eNingizimu Afrika.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Pali Lehohla, oyisikhulu esiphezulu kwaStatistics SA.
Uthe zingu-21 378 izingane ezishone zingakazalwa ngo-2015, lesi sibalo besisuka ku-22 948 ngo2014.
Uthe lesi sibalo sikhombisa ukwehla cishe ngo-7% kwezibalo zezingane ezishona zingakazalwa esingaqhubeka nokwehla uma kunganakekelwa ngendlela omama uma bekhulelwe.
Lokhu kuqukethwe umbiko okhuluma ngokufa kwezingane zingakazalwa othulwe nguLehohla emahhovisi eGovernment Communication and Information System (GCIS), eTshwane, ngoMsombuluko. Kusetshenziswe imininingwane egcinwe nguMnyango wezaseKhaya ukuze kutholwe lezi zibalo. Umbiko ugxile ekutholeni isibalo sokubhaliswa kwezingane ezishona zingakazalwa nezishona zinesonto zizelwe.
Ngokombiko, isibalo sokushona kwezingane zingakazalwa sinyuswa yisibalo sezingane ezishona zinesonto zizelwe.
“Zingu-64.1% izingane ezishone zingakazalwa ezinganeni ezingu-21 378 ngo-2015 kanti zingu35.9% kuphela ezishone zisanda kuzalwa,” kusho uLehohla.
Isifundazwe saseGauteng nesaKwaZulu-Natal, zihamba phambili ngokuba nesibalo esiphezulu sezingane ezishona zingakazalwa nezisanda kuzalwa. Isifundazwe esinesibalo esiphansi kunazo zonke yiNorthern Cape.
Imiphumela yalo mbiko iyahambisana nezibalo zabantu abakhona ezifundazweni nezikhombisa ukuthi iGauteng neKwaZulu-Natal yizona zifundazwe ezinezibalo eziphezulu zabantu abahlala kuzona nokuthi iNorthern Cape ayinabo abantu abaningi.
ULehohla uthe isibalo esiphezulu sezingane ebezishona zingakazalwa nebezisanda kuzalwa bekungesezingane zabantu abamnyama, nakho okuveza okufanayo nezibalo zabantu kuleli.
Bathole ukuthi u-70% wezingane zishona ezikhungweni zezempilo kanti izigameko eziningi zenzeke ngoMashi noMeyi.
Ngokwemibiko yango-2015, izingane bezisuke zishona ngenxa yezinkinga ezithinta omama nezinkinga ezivela besakhulelwe noma sebebeletha.