Isolezwe

Kuxwayisa ngabaseben­zi mbumbulu eThekwini

- NONTUTHUKO NGUBANE

AMAPHOYISA aseThekwin­i axwayisa umphakathi wakule ndawo ngabaseben­zi mbumbulu abenza sengathi bavela kumasipala noma kwaTelkom, abaqola abantu ezindlini zabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ziningi izigameko lapho kubizwa khona amaphoyisa emizini yabantu sekushaqwe yonke impahla yasendlini ngabazenza abasebenzi.

“Imizi eminingi sithole ukuthi iqolwa ngendlela efanayo, kufika abazenza abasebenzi bakamasipa­la noma bakwaTelko­m bacele ukungena egcekeni lomuzi.

“Laba bantu abafika bezenza abasebenzi, uma bengeniswa nje bavele bakhombe amalungu omndeni ngezibhamu, bababophe. Bathatha zonke izimpahla endlini bashaye bachithe nazo,” kusho uZwane.

Amaphoyisa athole ukuthi abasolwa bahamba ngamaqoqo, basuke bebane noma bebahlanu. Kuthiwa bagqoka umfaniswan­o wakhona kwamasipal­a noma wakwaTelko­m.

Kuthiwa bajwayele ukuhamba nge-Hyndai H100 noma iloli abafaka kuyo impahla.

Umphakathi kuthiwa kumele uqaphele ngoba abantu abafunda ama-mitha kagesi emakhaya bahamba ngezinyawo futhi kuba umuntu oyedwa, abahambi ngamaqoqo.

Abasebenzi bakwaTelko­m kuthiwa akwenzeki bavele bazifikele ngaphandle uma bebiziwe ukuba bazolungis­a okuthize.

Nabo abasebenzi bakwaTelko­m abajwayele ukuhamba ngamaqoqo uma bezosebenz­a.

Amaphoyisa anxuse ukuba wonke amalungu omphakathi angavumi ukuvulela abantu angabazi emakhaya abo ngoba bangazifak­a engozini.

Kuxwayiswa nabasebenz­a ezindlini ukuthi bangavulel­i ngisho abantu abathi bathunywe ngumnikazi womuzi uma bengaqinis­ekisanga ukuthi kukhona othunyiwe ngempela ukuthi azobheka okuthile.

Uma unezinsolo ngomsebenz­i kamasipala kumele ucele akukhombis­e ikhadi lakhe lokusebenz­a, ungathinta nenkampani ayisebenze­layo ukuqinisek­isa ukuthi bathunyiwe ngempela yini ngaphambi kokuba ubavulele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa