Kuxwayisa ngabasebenzi mbumbulu eThekwini
AMAPHOYISA aseThekwini axwayisa umphakathi wakule ndawo ngabasebenzi mbumbulu abenza sengathi bavela kumasipala noma kwaTelkom, abaqola abantu ezindlini zabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ziningi izigameko lapho kubizwa khona amaphoyisa emizini yabantu sekushaqwe yonke impahla yasendlini ngabazenza abasebenzi.
“Imizi eminingi sithole ukuthi iqolwa ngendlela efanayo, kufika abazenza abasebenzi bakamasipala noma bakwaTelkom bacele ukungena egcekeni lomuzi.
“Laba bantu abafika bezenza abasebenzi, uma bengeniswa nje bavele bakhombe amalungu omndeni ngezibhamu, bababophe. Bathatha zonke izimpahla endlini bashaye bachithe nazo,” kusho uZwane.
Amaphoyisa athole ukuthi abasolwa bahamba ngamaqoqo, basuke bebane noma bebahlanu. Kuthiwa bagqoka umfaniswano wakhona kwamasipala noma wakwaTelkom.
Kuthiwa bajwayele ukuhamba nge-Hyndai H100 noma iloli abafaka kuyo impahla.
Umphakathi kuthiwa kumele uqaphele ngoba abantu abafunda ama-mitha kagesi emakhaya bahamba ngezinyawo futhi kuba umuntu oyedwa, abahambi ngamaqoqo.
Abasebenzi bakwaTelkom kuthiwa akwenzeki bavele bazifikele ngaphandle uma bebiziwe ukuba bazolungisa okuthize.
Nabo abasebenzi bakwaTelkom abajwayele ukuhamba ngamaqoqo uma bezosebenza.
Amaphoyisa anxuse ukuba wonke amalungu omphakathi angavumi ukuvulela abantu angabazi emakhaya abo ngoba bangazifaka engozini.
Kuxwayiswa nabasebenza ezindlini ukuthi bangavuleli ngisho abantu abathi bathunywe ngumnikazi womuzi uma bengaqinisekisanga ukuthi kukhona othunyiwe ngempela ukuthi azobheka okuthile.
Uma unezinsolo ngomsebenzi kamasipala kumele ucele akukhombise ikhadi lakhe lokusebenza, ungathinta nenkampani ayisebenzelayo ukuqinisekisa ukuthi bathunyiwe ngempela yini ngaphambi kokuba ubavulele.