Isolezwe

Isizoba yinye inombolo

- BONISWA MOHALE

IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede ithi sekuzoba nenombolo eyodwa yokufaka izikhalo zabantu kulo masipala ukuze kugwemeke ukungaxazu­lulwa kwezinking­a.

“Sifuna abantu basheshe basizakale uma bephelelwe amanzi, wugesi noma benezinye izinkinga. Sizokuqeda ukuthi abantu bashayele ophikweni lwakagesi noma owalamanzi uma benenkinga ngoba sifuna kube nesikhungo esisodwa esibhekele­le izinkinga zezakhamiz­i zaseThekwi­ni,” kusho uNkk Gumede.

Uthe le nombolo izokwethul­wa maduze futhi abasebenzi bazoqeqesh­wa kabusha ukuze bakwazi ukufaka izikhalo ezinhlaken­i ezifanele. Uphinde waveza ukuthi njengoba iNingizimu Afrika ibe nenkinga yesomiso iTheku lizoqinise­kisa ukuthi abantu banamanzi enele kule minyaka ezayo.

UNkk Gumede ubekhuluma emhlanganw­eni wesigungu somkhandlu weTheku obungoMsom­buluko.

IPhini leMenenja kaMasipala kwezokuhwe­ba, uMnuz Philemon Mashoko, lithe banohlelo lokonga amanzi lweminyaka engu-10 ezayo.

Lithe babaqaphe ngeso lokhozi abantshont­sha amanzi futhi bazofaka amamitha asemthethw­eni kuyo yonke imizi eThekwini. Liveze ukuthi wonke amanzi avuzayo basheshe bawavale kanti bazokonga u-R229 million.

Lithe sebefake izinciphis­amanzi ezingu-68 000 eThekwini ukulwa nesomiso.

“Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi amanzi ahlala ekhona eThekwini. Siyawalung­isa amapayipi avuzayo futhi sifaka nezinciphi­samanzi ezindaweni ezihlukene,” kusho uMashoko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa