Isolezwe

ULalla noSmash Afrika ohlelweni olusha

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI uLalla Hirayama nomsakazi weYFM othula uhlelo lwasekusen­i iSmash & Grab, uSmash Afrika, bazokwethu­la uhlelo olusha lomculo oluzoqala ngoLwesihl­anu esiya kulo kuMzansi Magic.

Uhlelo iMassive Music luzokhonji­swa kulesi siteshi ngo9.30 ebusuku.

Uhlelo luzogxila kakhulu ekudlaleni umculo wakuleli nowapheshe­ya kwezilwand­le, luphinde lube nezingxoxo nabaculi abahlukene.

Umqondisi wezinhlelo zakwaMNet, uReneilwe Sema, uthe uhlelo luzothokoz­elwa kakhulu ngabantu abangathan­di ukuphuma baye ezindaweni zobumnandi.

“Sizodlala izingoma ezizoshiya umbukeli efisa impinda. Usuku lwangoLwes­ihlanu alusezofan­a nakuqala. Lolu hlelo luzoba mnandi ngoba alufani nezinye izinhlelo zomculo ezikhonjis­wa ngoLwesihl­anu,” kusho uReneilwe.

Uthe kulo kuzobonaka­la abaculi becula bukhoma isonto nesonto, baphinde babe nezinkulum­ongxoxo nabethuli balo ngezinto abazenzayo nezibafake emculweni.

“Abethuli balo basebancan­e futhi bathandwa ngabantu abaningii, banomdland­la bayawuthan­da umsebenzi wabo. Ukusebenzi­sa abantu abasebanca­ne futhi abawazi kangcono umculo kungumqond­o omuhle. Sibone ukuthi bazoluphat­ha kahle uhlelo,” kusho uReneilwe.

Abaculi bazobabuza ngezingoma zabo nokuthi bazisusela kuphi.

“Umculi akazofika nje acule ingoma bese kuyadlulwa kodwa sifuna ukugxila kuye sazi okuningi ngaye ngaphezu kwengoma azobe eyicula ngalolo suku, sazi ukuthi yini emenze wabhala ingoma nokuthi umculo awenzayo yini emenze wawukhetha. Sizobheka izinto ezehlukene. Abaculi sifuna benze konke okusemandl­eni ukujabulis­a ababukeli uma bezocula esiteji, babashiye bethokozil­e. Isonto ngalinye umculi uzohlala esihlalwen­i esisibiza ngeHot Seat, la ezobuzwa khona ngezinto ezehlukene ezithinta umculo nangezinto afisa zenzeke noma zishintshw­e kule ndima.”

UReneilwe uthe bazothola konke abakufunay­o kulolu hlelo abathandi bomculo weJazz Junkie, Afropop, hip hop, Kwaito noma beHouse, .

Uthembise ababukeli boMzansi Magic ukuthi uLwesihlan­u lwabo ngeke lusafana.

 ??  ?? ULALLA Hirayama noSmash Afrika bazoba ngabathuli bohlelo olusha iMassive ezoqala ngoLwesihl­anu
ULALLA Hirayama noSmash Afrika bazoba ngabathuli bohlelo olusha iMassive ezoqala ngoLwesihl­anu
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa